Kutholwe ingane lakulahlwa khona udoti

2020-02-12 06:04

SEKUPHINDE kwatholakala isidumbu sengane encane silahliwe endaweni yokulahla udoti yamasipala uMsunduzi eyaziwa ngokuthi i-Landfill site eku-New England Road.

Isidumbu sengane encane esanda kuzalwa sitholwe abasebenzi bakulendawo sisongwe ngo-plastic ngoMsobuluko ekuseni mhlaka 3 kuNhlolanja (February).

Ngokuthola kwe-Echo isidumbu salengane sitholwe kudoti obufike uzolahlwa imoto ethize kuyona le ndawo.

Kwenzeka lesi sigameko nje akukakapheli ngisho izinyanga ezimbili kutholakale isidumbu sowesilisa silahlwe khona futhi kule ndawo.

Isidumbu salona wesilisa satholwa abasebenzi bakhona kule ndawo sidindilizile sinqunywe umqala kanti amehlo womabili ayekhishiwe.

Ngokusho kwabasebenzi bathi bayasola ukuthi kunabantu ababona ithuba lokulahla ukungcola kwabo kule ndawo ngoba vele ayinakiwe kwazise inopotsho abaningi.

Kutholwa le ngane nje, kusukela ngoLwesihlanu le ndawo ibisha ivutha amalangabi kwaze kwaba iSonto.

Ukusha kwayo izinsuku eziningi bekungaqali njengoba nangonyaka owedlule kwasha kwaze kwafika u-MEC uNomusa Dube Ncube nowasabisa ngokuthi uma ngabe umasipala uhluleka ukulawula le ndawo bazogcina bewubeke icala. Okhulumela umasipala uNks Thobeka Mafumbatha akayiphendulanga imibuzo abethunyelelwe yona kwaze kwafika isikhathi sokushicilela.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu u-Sergeant Mthokosizi Ngobese usiqinisekisile isigameko.

“Kutholakale ingane asazi ukuthi ubani oyilahlile.Asinaso futhi nesiqiniseko sokuthi kungabe intombazane okanye umfana. Amaphoyisa avule i-inquest,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.