Kutholwe intombazane ibulewe eFedsam

2019-03-06 06:02
isithombe: sithunyelweUNks Nokubonga Hlengwa otholwe ebulewe ngoMgqibelo.

isithombe: sithunyelweUNks Nokubonga Hlengwa otholwe ebulewe ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wentombazane etholwe isibulewe endaweni yaseFedsam uthi angeke uze ukuthole ukuphumula ungakazi ukuthi kwenzakaleni kwindodakazi yawo.

UNks Nokubonga Hlengwa (35) waseMbali Unit 2 utholwe ebulewe ngesihluku wabe esephonswa endaweni eyisigange endaweni yaseFedsam ngoMgqibelo ekuseni mhla zingama-23 kuNhlolanja (February).

Ngokusho kukamalume wakhe uMnu Skhumbuzo Khoza uthe bengumndeni basakhungathekile ngalesi sigameko kanti namanje basafuna izimpendulo.

UNks Hlengwa kuthiwa watholwa ngumuntu mumbe ohlala eduzane kwaleso sikhotha nekuthizwa wathi wezwa umsindo ngoLwesihlanu ebusuku mhla zingama-22 kuNhlolanja (February) kungathi umuntu wesifazane okhalayo.

Ekhuluma ne-Echo uMnu Khoza uthe bagcina ukubona uNks Hlengwa ngoLwesihlanu ntambama ngemuva kokushaya nje kwehora lesikhombisa ntambama.

Uthe : “Kwafika abafana abathathu bama ngaphandle bamubiza nesizwa kuthiwa kulabo bafana kwakukhona nesoka lakhe.UNokubonga waphuma wabeka ukudla kwakhe ngoba bafika edla akazange asho ukuthi uyaphi nokuthi ngeke aze abuye.Kwahlwa saze salala engabuyi kwathi ngakusasa mina ngavuka ngaya emngcwabeni wakamakhelwane engakabuyi.

“Ngathi ngisasemngcwabeni ngabona sekufika amaphoyisa esezongicela ethi engizobheka ukuthi akuyena yini lona otholakale ebulewe endaweni yaseFedsam.Kuthiwa watholwa iphara elabona imilenze ekuseni ngesikhathi livuka labe selihlaba umkhosi libikela ikhansela kanye nomakhelwane namaphoyisa ngenhlanhla kukhona abantu ababembonile ukuthi wayegqokeni ngoLwesihlanu base bethi kungenzeka ukuthi uyena sabe sesiyabikelwa singumndeni,” kubeka yena.

UMnu Khoza uthe okubuhlungu kakhulu indlela abulawe ngayo umshana wakhe nayichaze njengesihluku.

“Angikaze ngiyibone into enje impilo yami yonke.Into engiyibonile angiyifiseli muntu.Bekungathi uklajwe ngobhushu, ekhanda enembobo amehlo akhe angathi kade bewaxhonxa ngoba aqhumile, umzimba wonke unezibazi engathi ubebengwa,wophele ngaphakathi engathi ubehudulwa phansi.Ngezansi ubengagqokile njengoba ibhulukwe lakhe kanye nesikhindi sakhe sangaphansi kutholakale buqamama naye.

“Ngiyakholelwa ukuthi umuntu owenze lento ubengaphilile ekhanda okanye kukhona uhlobo lwesidakamizwa esinamandla ekade esidlile ngoba akekho umuntu ophilayo ongenza isihluku esingaka.Baze bayibulala kabuhlungu ingane kadedewethu kade izilungele kangaka,” kubeke yena.

Uqhube wathi bengumndeni basazibuza ukuthi yini lena engaka ebingaze iholele ekutheni agcine esebulewe ngesihluku esingaka uNks Hlengwa.Uthe umshana wakhe ubengumuntu obezilungele ebathanda abantu kanti nabantu nabo bebemthanda.

“Ubengasiyena umuntu obevele ahamba anyamalale angaziwa ukuthi uyephi ngoba bekunguyena obehlala nogogo ekhaya emgada elala naye nasembhedeni.Nangosuku angazange abuye ngalo ugogo owabuza kuqala ekuseni ukuthi ulaphi ngoba ubengalele naye.Sigqenywe ingozi engeqiwa ntwala ngalesi sigameko.Sesinikele yonke into emaphoyiseni ngethemba lokuthi azokwazi ukuthi athole umuntu owenze loku ajeze nathi sazi ukuthi kwenzekani kumshana wami.”

UNks Nhlengwa uzofihlwa ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo ezoba sesontweni i-Full Gospel Church ngoMgqibelo mhlaka-2 kuNdasa (March).

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu u-Seargant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala kodwa bekungakaboshwa muntu.

“Ngiyakholelwa ukuthi umuntu owenze lento ubengaphilile ekhanda okanye kukhona uhlobo lwesidakamizwa esinamandla ekade esidlile ngoba akekho umuntu ophilayo ongenza isihluku esingaka.Baze bayibulala kabuhlungu ingane kadedewethu kade izilungele kangaka,”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.