Kutholwe isidumbu

2018-04-04 06:04

UMPHAKATHI waseZinketheni uthi namanje usashaqekile ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane sigqitshwe esibayeni sezimbuzi.

Isidumbu sikaNkk Fahlazane Gladys Mathonsi sitholwe sesonakele ngoMgqibelo ekuseni mhla zingama-24 kuNdasa (March) lapho ebehlala khona nesoka lakhe.

UNkk Mathonsi kuthiwa besekunesikhathi esingaphezu kwesonto elahlekile. Kuthiwa wagcina ukubonakala mhla zili-16 kuNdasa (March) ephuma emsebenzini emva kwalokho akaphindanga wabonakala.

Umndeni wakhe wabikela amaphoyisa ngokulahlekakwakhe.Ngemuva kwesonto elahlekile umndeni wabe usuqala umkhankaso wokumthungatha nogcine ngokuthi ubone inhlabathi equmbile esibayeni wabe usuhlaba umkhosi.

I-Echo ithole ngomthombo wayo ohlala khona kule ndawo ukuthi isoka likaNkk Mathonsi nokuvele ukuthi liyinyanga belingasabonwa nangokhalo ngesikhathi kutholwa isidumbu sikaNkk Mathonsi.

Umphakathi wakulendawo uthi uhlalele ovalweni emva kwalesi sigameko.

Elinye ilungu lo mphakathi elikhulume ne-Echo elingathandanga kudalulwe igama lalo lithe kuze kube yimanje alikakayikholwa into elayibona.

“Angiyifisi into enjengaleya ukuthi yenzeke kunoma ubani. Isihluku esingaka ingane yabantu ibisibhicika ngoba yenzeni kangaka? Umtanomuntu baze bamugqiba engagqokile pho ubani owaziyo ukuthi yini enye abamenze yona ngaphambi kokuba bambulale.Lo muntu owenze lento kumele ajeze ngempela. Simangale kabi njengomphakathi sesibizwa kuthiwa asizobona nangu umuntu usetholwe esibayeni. Asiphephile nje manje. Sengiphila ngokuzikhiyela endlini uma kungekho muntu engihleli naye ekhaya,” kubeka lona.

Liqhube lathi kusolakala ukuthi isidumbu sikaNkk Mathonsi saqala sathelwa ngamakhemikhali nokuholele ekutheni sibucuke.

Elinye ilungu lomphakathi nalo elingathandanga kudalulwe igama lalo ngoba lisabela impilo yalo lithe lishaqekile ngalesi sigameko lathi liyaqala ukubona isigameko esifana nalesi.

“Ayisiphethe kahle lento siwumphakathi kanti futhi uma kuke kwatholakala ukuthi ngubani oyenzile ngeke kube kuhle ngoba umphakathi uzofuna ukuzithathela umthetho ngezandla. Uyenza kanjani into efana nalena kumuntu wesifazane omudala nakangaka ongakwazi ngisho ukuzilwela? Abantu sebevele baphenduka izilwane. Sengizozihlalela kwami ngizikhiyele ngoba angisathembi lutho mhlawumbe labantu bangafuna ukubuya bazoqedela lento asebeyiqalile. Kwazi bani mhlawumbe kunohlu lwabantu abafuna ukubenza njengoNkk Mathonsi,” kubeka leli lunga ebelichaza libuye libeke izandla ekhanda libabaza isihluku.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa ayaphenya.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.