Kutholwe isidumbu esinqunu emfuleni

2018-07-18 06:01

KUSAYIDINDA ukutholakala kwesidumbu sowesilisa emfuleni i-Duzi ngeSonto ekuseni mhla ziyi-8 kuNtulikazi (July).

Lesi sidumbu sowesilisa sitholwe sintanta emanzini abantu ekade begijima ngezikhathi zehora lesi-8 ekuseni.

Lona wesilisa kuthiwa isidumbu sakhe sitholwe sinqunu kanti bese siqala nokubhicika isikhumba okukhombisa ukuthi kunesikhathi eside sahlala emanzini.

Abantu abasebenza ngakulendawo bathi namanje basathuswe ukutholakala kwesidumbu.

Omunye umsebenzi oseben- zela ngakule ndawo uthe okubethusa kakhulu ukuthi zonke izinsuku kuhlezi kunabantu abadobayo kulo mfula, okubaxakayo ukuthi kungani bengazange basibone lesi dumbu kusanesikhathi.

“Sesicabanga nokuthi mhlampe lesi sidumbu sisuka kwenye in- dawo saze safika lana, ngoba bebe ngeke nje bangasiboni eku-beni badoba kulo mfula zonke izinsuku.

“Akubona nje kuphela abantu abadobayo abasebenzisa lo mfula, baningi abantu abawusebenzisayo kuyasethusa ukuthi sizwe sekuthiwa kutholakale isidumbu esesibucuka kule ndawo,” kubeka lo msebenzi ongathanda ukudalula igama lakhe.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini i-Alexandra uKapteni Kholeka Mhlongo uthe imbangela yokufa kwalona wesilisa ayika- ziwa kodwa kusolakala ukuthi ubulewe.

Uthe: “Ubene zimbobo ekhanda kanye nasendlebeni yakweso- kudla.

“Umzimba wakhe futhi ububukeka engathi uqale washiswa ngaphambi kokuba uphonswe emfuleni,” kubeka yena.

UKapteni Mhlongo uthe kusolakala ukuthi lesi sidumbu sesiqede izinsuku eziningi sise manzini.

Udaba luyaphenywa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.