Kutholwe isidumbu silenga ehlathini

2019-11-27 06:02

USASHAQEKILE umphakathi wasendaweni yaKwaPata ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa silenga ehlathini elincane elikhona kule ndawo.

Ngokuthola kwe-Echo isidumbu salona wesilisa esekuvele ukuthi akusiyena owasendaweni sitholwe ngoLwesibili elinye ilunga lomphakathi ebelithi liyoxubha amazinyo ngemuva kwendlu lilungisela ukuya emsebenzini ngezikhathi zokugamanxa kwehora lesithupha ekuseni (6.30 am).

Lona wesilisa okunguyena obone lo mhlola kuthiwa ube esehlaba umkhosi wabiza omakhelwane ukuba beze bazombonisa lo mhlola ngaphambi kokuba kufonelwe amaphoyisa.

Ngesikhathi i-Echo ifika endaweni yesigameko isidumbu salona wesilisa besesiqaqiwe esihlahleni sesifakwa emotweni ethwala izidumbu.

Amalunga omphakathi abephume ngobuningi ukuzozibonela lesi sigameko.

Ngokusho kwelinye ilunga lomphakathi elibe ngelesibili ukubona lo mshophi kodwa langathanda ukudalulwa igama lalo, lithe basashaqekile yilesi sigameko kanti futhi sebezophila ngokwesaba.

“Okubuhlungu kakhulu ukuthi lento yenzeke ngemuva kwezindlu zethu kulona lelihlashana esihleli sikhala ngalo ukuthi liyasihlupha vele.

Ayikho into engenzeki lana izingane zesikole zihlala khona zibheme izidakamizwa sizixoshe ziphinde zibuye.

“Isize yaphenduka indawo yamaphara ngoba abesebeke ngisho izinto zokuhlala okukhombisa ukuthi bese ezimisele ngokuthi azohlala kube yindawo yawo.

Okubuhlungu kakhulu ukuthi manje sekuze kwaphuma isidumbu.

Asifuni ukuthi kuphinde kwenzeke enye into futhi la sithole esinye isidumbu sidindilizile,” kubeka yena.

Uqhube wathi kade babezama ukukhuluma indaba yaleli hlathi ukuthi kumele lisuswe ngoba lisondelene kakhulu nemizi yabantu kanti futhi liyingozi kodwa akwenzeki lutho.

“Into engixakayo mina ukuthi lesi sigameko senzeke nini ngoba phela ngezikhathi zantambama izolo ngidlulile la kuleli hlathi ngiya ekhaya ngoba indlela ihamba khona kodwa bekungekho lutho.

Kungani futhi umuntu ongasiyena owakule ndawo azozilengisela la uma ngabe kungukuthi uzilengisile ngempela?

“Sifuna ukuthi lisuswe manje leli hlathi ngoba lisilandela izinkinga zodwa. Asifuni ukuthi siphinde sibone into esiyibone namhlanje ukuthi kutholwe umuntu osezibulele. Into esikhathaza kakhulu ukuthi lezi zingane ezihlala lapha zibheme ngelinye ilanga ziyoxabana zibulalane singaziboni,” kubeka yena.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Bhekabantu Zuma uthe bashaqekile ngalesi sigameko kanti futhi babuhlungu ngokwenzekile.

Uthe uthole ngalesi sigameko ngemuva kokuba eshayelwe ucingo amaluga omphakathi wabe esenikela khona.

“Kunzima ukusho ukuthi kungabe kwenzekeni ngempela kulona wesilisa ngoba uzilengisele nasendaweni esesigangeni futhi engasiyena nowasendaweni,” kubeka yena.

Ephawula ngodaba lwehlathi uMnu Zuma uthe uyalazi ukuthi liyinkiga kanti usezamile ukuxhumana nomnikazi wendawo lapho likhona wavuma ukuthi uzosebenzisana nomphakathi .

“Ngiyazazi zonke izigameko ekuthiwa zenzeka kule ndawana kanti sifuna ukuthi konke kulungiswe.”

Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa avule idokodo ngokufa komuntu.

Sifuna ukuthi lisuswe manje leli hlathi ngoba lisilandela izinkinga zodwa.

Asifuni ukuthi siphinde sibone into esiyibone namhlanje ukuthi kutholwe umuntu osezibulele.

Into esikhathaza kakhulu ukuthi lezi zingane ezihlala lapha zibheme ngelinye ilanga ziyoxabana zibulalane singaziboni

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.