Kutholwe usana lulahliwe enxanxatheleni yezitolo

2019-09-04 06:02

SEKUQUBUKE imibuzo eminingi mayelana nokutholakala kwengane elahliwe enxanxatheleni yezitolo i-Greater Edendale Mall ngeSonto mhla zingama-25 kuNcwaba (August).

Ngokuthola kwe-Echo ingane etholakele eyomfana kanti itholwe ngezikhathi zehora lesihlanu ntambama ibekwe phansi egumbini lapho kugcinwa khona izinto zabasebenzi abahlanza le ndawo. Ngokusho komunye wabasebenzi bakuyona le nxanxathela ingane itholwe ngabasebenzi isongwe ngebhayi ingagqokile.

“Itholwe abasebenzi abahlanzayo ngesikhathi bethi bayavula lapho kuhlala khona izinto zabo zokusebenza.

“Leli gumbi alikhiywa lidonswa umnyango kuphela kuze kukhiywe ntambama uma ngabe abasebenzi sebehamba. Siyasola ukuthi umuntu olahle le ngane uvele waphusha isivalo wayishiya khona phakathi.

“Nakuba kubuhlungu futhi kwethusa ukutholakala kwalengane sesibonga nje ukuthi akazange ayibulale nokuthi ingane itholwe kusayisikhathi,” kubeka yena.

Uthe ngemuva kokuba ingane isitholiwe kube sekubizwa amaphoyisa kanye ne-ambulensi ukuze kuzothathwa ingane ihanjiswe esibhedlela.

“Lesi senzo siyakhombisa nje ukuthi kuningi abantu okusamele bafundiswe ngako uma ngabe kuza ezindabeni zezingane.

Abantu kumele baphume kulo mqondo wokuthi uma ngabe ingane ungayifuni kumele uyilahle . Ziningi izindlela ongenza ngazo ukuthi ingane ithole ikhaya kanti futhi akekho umuntu ozokushaya uma ngabe usuthathe lesosinqumo.”

Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekile isigameko wathi alikho icala elivuliwe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.