USASHAQEKILE umphakathi wase-Ashdown ngemuva kokutholakala kosana lulahliwe endaweni yase-4 khona e-Ashdown ngoMsombuluko ekuseni.
Lolu sana obekungakatholwa ukuthi ngolukabani kuthiwa lutholwe lulaxazwe endaweni eseduze kwehlathi phambi kwesango lomuzi womuntu.
Kuthiwa litholwe yingane yentombazane esencane yakuwona lo muzi ngesikhathi ihamba iya esikoleni ekuseni yabe isibiza abantu abadala nomphakathi waphuma uzobona.
Lolu sana kuthiwa belusongwe ngengubo kanti kusolwa ukuthi belusanezinsuku ezimbalwa nje luzelwe. Ikhansela lakule ndawo uMnuz Dumisani Phungula uthe naye usashaqekile ngalesi sigameko kanti futhi siyethusa kakhulu.
“Ngithuke kabi uma ngithola ucingo ekuseni obelungitshela ukuthi kunento efana nalena eseyenzekile kodwa nje sibonga ukuthi usana lona lutholwe lusaphila. Into eyenza ukuthi sikhathazeke kakhulu ukuthi kubukeka sengathi ziyanda izigameko ezifana nalesi endaweni yethu.
“Ezinyangeni ezimbili ezedlule kwatholakala usana oluncane lulahliwe endaweni yaseGomora kungaziwa ukuthi lilahlwe ubani.
“Iyasikhathaza le nto ngoba asazi ukuthi kungabe yini lena engaka engaze yenze ukuthi umuntu abe nesibindi sokuthi alahle usana oluncane kangaka. Le nto nje ihambisana nokulahlekelwa unembeza ngoba ngeke uthi unonembeza uvele uthathe ingane encane uyoyilahla esigangeni uthi ayenze njani ngoba phela leyo ngane kuchaza ukuthi izoshona,” kubeka yena.
Uqhube wathi bengabaholi bayafisa ukwazi ukuthi kungabe yini eholela ekutheni abantu bagcine sebelahla izingane zabo.
“Iyihlazo lento sifuna abantu bakhulume basho ukuthi yini inkinga ukuze bezosizakala kungaze kufike lapha.Uma umuntu esebona ukuthi ingane akayifuni noma akasayithandi okungcono akayihambise kosonhlalakahle okanye akhulume nathi ukuze simsize akwazi ukuyihambisa. Ukulahla ingane yicala elibovu lelo. Uma ngabe kukhona umuntu nje owaziyo ukuthi kungabe ubani owenze into efana nalena sicela bambike emaphoyiseni ngokukhulu ukushesha,” kuphetha yena.