Kuthulwe ezoMsamo eBessie Head

2015-12-16 06:00

ISAZI samasiko uSolwazi Velaphi ‘VVO’ Mkhize wesikhungo Umsamo Institute uthule ngokusemthethweni izincwadi zakhe ‘Umsamo, Iziko lamathongo’ no-‘Umsamo, umhlahlo wezangoma’ eBessie Head library ngoLwesihlanu.

UMkhize uthe yize lezi zincwadi zakhishwa ngokusemthethweni ngo-2008 no-2011 ukuthengwa kwazo ubuthaphuthaphu, kumkhombise ukuthi kunesidingo sokuthi zifinyelele kubantu abaningi, yingakho ebone isidingo sokuthi zifakelwe emitapweni yolwazi.

“Ngenxa yokudayisa ubuthaphuthaphu, umasipala waseMsunduzi ube usuxoxisana nami ukuthi ziphindwe zikhiqizwe ziphinde zithulwe kabusha emakethe. Sezizotholakala kuyo yonke imitapo yolwazi ngaphansi koMsunduzi.” Emva kokwamukela umsebenzi wabadala, uMkhize uthi kube nombono wokuba asabalalise ulwazi ngezinto ezithinta umsamo nethongo ngokuthi abhale incwadi, okuyiyona ndlela yokwenza umyalezo ufike kalula kubantu futhi engambi eqolo. “Lezi zincwadi, ngizifanisa nebhayibheli le sintu njengoba zikhuluma ngezihloko ezihlukene ezithinta amasiko. Konke okubhaliwe kuqale kwacwaningwa kabanzi ngaphambi kokuba kushicilelwe. “Enye yazo iphinde ikhulume ngokuthwasa nobungoma, okuyinto ethinta abaningi.,” kuqhuba uMkhize.

Uphinde wathi okumthokozisa kakhulu ukuthi lezi zincwadi azikhonjiswa ukuthakaselwa abantu abadala nje kuphela, kepha kunesasasa nasentsheni njengoba ikhuluma ngazo nasezinkundleni zokuxhumana.

“NgesiZulu kuye kuthiwe ‘Inkunzi isematholeni’. Njengoba intsha ikhombisa isasasa ngokwazi ngamasiko, noma belahlekile abanye abantu abadala, ikusasa lezwe lethu ngeke lifadalale,” kuphetha uMkhize. Umphathi we Bessie Head library uMnu Mandla Ntombela uthe bakuthakasele kakhulu ukufakelwa kwalezi zincwadi, njengoba besemkhankasweni wokuthuthukisa ukufundwa nokubhalwa kwezincwadi ngezilimu zesintu.

Uthe uyathemba zizoveza izisombululo ezinkingeni eziningi abantu ababhekene nazo.

“Zisoshintsha izimpilo abantu ngezindlela eziningi njengoba zinocwaningo olunzulu ngamasiko, oluningi lwalo esingalwazi njengesizwe esiNsundu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.