Kuvele elomhlathi uMasipala enikela ngezinsiza emphakathini

2016-06-01 06:00
Imenenja engeyesibili kwesokunxele imi nabezinhlangano zomfelandawonye emva kokubamukelisa ubuhlalu. Kwesinye imikhiqizo yezandla eyenziwa yile zinhlangano.PHOTO: supplied

Imenenja engeyesibili kwesokunxele imi nabezinhlangano zomfelandawonye emva kokubamukelisa ubuhlalu. Kwesinye imikhiqizo yezandla eyenziwa yile zinhlangano.PHOTO: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMASIPALA waseMkhambathini eCato Ridge uzoqopha umlando ngokuba ngowukuqala ongaphansi koMgungundlovu ukuba nombukiso wosomabhinisi.

Lokhu kudalulwe imenenja yalomkhandlu uNkk Thabisile Ndlela ngoMsombuluko ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zentuthuko eMaqongqo. Kulo mcimbi uNdlela wethule amasaka obuhlalu abebuphathele izinhlangano zomfelandawonye ezibizwa ngama-cooperative ezingaphezu kwamashumi amabili ezenza umsebenzi yezandla.

Uthe yize umkhandlu wakhe ungeminye emincane nehlupheka kakhulu esifundazwe kodwa uzimisele ukuthuthukisa osomabhizinisi abancane abakhe imifelandawonye ngenhloso yokuxosha ikati eziko. Uthe uhlela umbukiso wezamabhinisi kuwo lonyaka ukuze labomama abenza ubuhlalu nezingubo zesintu bakwazi ukuthola indawo lapho bezokukhangisa baphinde bazidayise khona.

“Sihlale phansi nabo basitshela ukuthi badinga sibalekelele ngokuthi sibathengele ubuhlalu ngoba bayathunga badayise futhi baqashisa ngawo uma kunemicimbi endaweni. Sibe sesibona ukuthi ukudayisa emawadini abo kuphela ngeke kubakhulise babe ngosomabhizinisi abakhulu, yingakho nje ngicabange ukuthi sakhe usuku lapho kuzohlangana bonke osomabhizinisi abangaphansi kwethu bakhangise futhi badayise ngemikhiqizo yabo,” kusho uNksz Ndlela osanda kuqashwa yilo masipala.

Uthe ngesikhathi bevakashele kulama wadi iningi labantu lacela kwimeya uNkk Thobekile Maphumulo ukuthi bafuna ukulima nokuzenzela imisebenzi yezandla ngakho-ke bengathanda ukulekelelwa ukuze bazimele. Imenenja inikezele ngembewu namageja okulima yase ikhumbuza umphakathi ukuthi uhulumeni wesifundazwe wamemezela ukuthi umuzi ngomuzi kumele ube ngengadi eyodwa okungenani lapho utshala khona.

UNkk Elizabeth Ndlovu ohola iSusi ikati eziko cooperative uthe bajabule kakhulu ngesimemezelo sikamasipala sokwenza usuku lapho bezokhombisa khona ngemiqhikizo yabo.

Uthe uyathemba lokhu ukuthi kuzobasiza kukhulise amabhinisi abo ngoba bazokwazi ukudayisela abantu abangaphandle kwamawadi abo. Uthe yize bekuthola ukweseka ewadini yabo ngabantu abasuke benemicimbi yesintu kodwa baye bakhale ngokuthi abanamali futhi bathatha ngesikweletu abanye babo bagcina ngokungabakhokheli.

– Sithunyelwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.