Kuvulwe umtapo wolwazi eSobantu

2017-10-18 06:00
Isithombe: makhosandile zuluKuvulwa umtapo wolwazi e-Sobantu (kwesokunxele) uMnu. Mholi Mvuyane we-Mawala Construction kanye nekhansela laseSobantu uMnu. Sandile Dlamini.

Isithombe: makhosandile zuluKuvulwa umtapo wolwazi e-Sobantu (kwesokunxele) uMnu. Mholi Mvuyane we-Mawala Construction kanye nekhansela laseSobantu uMnu. Sandile Dlamini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUVULWE umtapo wolwazi eSobantu ngoLwesihlanu oledlule mhlaziyi 6 ku-Okthoba.

Ikhansela lendawo, uMnu. Sandile Dlamini uthe kuyinto ebalulekile ukuvulwa komtapo wolwazi kulendawo njengoba isibalo sezakhamuzi kanye nabafundi besikole sikhuphuka.

“Umtapo wolwazi ubumncane kodwa ngomsebenzi owenziwe ngabakwa Mawala ngokuwunweba sebebaningi abantu abazokwazi ukuwusebenzisa okuyinto enhle ngoba kusho ukuthi baningi abazothola ulwazi kanti abantu abanolwazi yibona abangakhulisa umphakathi waseSobantu,” kusho ikhansela uMnu. Dlamini.

Uqhube wathi unesifiso sokuthi ngokuhamba kwesikhathi lomtapo wolwazi uzoba nawo amakhompyutha kanye ne-internet ukuze abafundi bakulendawo bengakwazi ukuzisebenzisela izifundo zabo lezi zinto.

Unxuse umphakathi ukuthi uwamukele njengowawo lomtapo wolwazi ugweme ukuthi uma kuqubuka izimo zokubhikisha umphakathi ugcine ngokuthi uwucekele phansi lomtapo wolwazi.

“Ngithanda nokucela umphakathi wakithi ukuthi ugweme ukuzo ntshontsho izimpahla ezikhona kulomtapo wolwazi ngoba ngawo sikhanda ikusasa lezingane zethu kanye nekusasa lomphakathi wethu. Kumele umphakathi uwubone njengengqalasizinda yawo, into okunge yabo hhayi ekahulumeni,” kusho uMnu. Dlamini.

Umfundi ka-Grade 12 esikoleni samabanga aphakeme i-Sobantu High, uNonjabulo Msomi uthe uyathokoza ngokuvulwa komtapo wolwazi usunwebekile.

“Njengabafundi bakwa-Grade 12 sesizokwazi ukuthi sifundele khona kungekho ukuthi siminyene, onke amaqeqebane asuke ehlanganyele ngokuhlukana kwezifundo asezokwazi ukuthi athole indawo eyanele yokuthi ahlenganyele ukuzofunda,” kusho uNonjabulo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.