Kuxwayiswa ngobugebengu ngalamaholidi

2018-12-12 06:00
ISITHOMBE: sigciniweuKapteni Khosi Khonjelwayo wasesiteshini samaphoyisa saseMgungundlovu.

ISITHOMBE: sigciniweuKapteni Khosi Khonjelwayo wasesiteshini samaphoyisa saseMgungundlovu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“HLALANI nivule amehlo ngaso sonke isikhathi ngoba izigebengu sezihlelile zilindele ukugadla.”

Lona umyalezo ophuma emaphoyiseni asesiteshini saseMgungundlovu njengoba sekuqala ukuphithizela kwesikhathi samaholidi kaKhisimusi kanti nabantu abaningi sebezoqala bahlukanise izimali zabo zezitokufela akade bezidlala unyaka wonke.

Ngokusho kokukhulumela amaphoyisa kulesi siteshi uKapteni Khosi Khonjelwayo uthe kubalulelekile ukuthi abantu bahleli bevule amehlo njalo ngalesi sikhathi ukuze izigebengu zingeke zize zilithole ithuba lokugila imikhuba yazo.

Uthe njengamaphoyisa izindlela izigebengu ezigila ngayo imikhuba ayikakashintshi kanti futhi ingagadla noma ingasiphi isikhathi.

“Kumele abantu baqaphele uma ngabe bephethe isamba esikhulu semali. Izigebengu zasemgwaqeni zithela umuthi ezimpahleni zalowo osuke ephethe imali okanye beze kuyena bezenze amaphoyisa mbumbulu. Ungamnikezi omunye umuntu ongamazi imali kunaloko kumele umemeze ucele usizo.

“Ungavumi ukukhohliswa abantu abakuthembisa imisebenzi eminyangweni kahulumeni bese befuna amantshontsho.

“Laba abadlala izitokfele abona kumele baqinisekise ukuthi uma ngabe beyofaka okanye beyokhipha imali yabo ebhange kumele baqinisekise ukuthi awuhambi wedwa nkodw akukhona ozakwenu abakuphelezelayo.

“Kumele benze isiqiniseko futhi sokuthi izimali zabo bazihlukanisa ezindaweni eziphephile okanye bavele bazi fake emabhange qobo,” kubeka yena.

Uthe uMsombuluko kanye noLwesihlanu kanye nokuphela kwenyanga izona zikhathi eziyingozi kakhulu uma ngabe uyokhipha imali ebhange.

Ezinye izindlela ongavikela ngazo ubugebengu:

• Ungavumi umuntu ongamazi akutshela ngezimpahla zamanani aphansi . Ungazishiyi naye izimpahla zakho.

• Ungadabuli imininingwane yakho yezimali zasebhange bese uyilahla emgqomeni yomphakathi.

• Nakekela umazisi wakho, iminningwane yakho yasebhange kanye nezincwad I zakho zokuhola.

• Ungawuphenduli umyalezo okutshela ukuth I uwine iLotto yase-UK okanye inombolo yakho ewinini, akumele kube khona izimali ozikhokhayo ukuthi uthole umklomelo wakho uma ngabe kade ungenele noma imuphi umncintiswano.

• Sebenzisa umshini wokukhipha imali owujwayele.

• Uma ngabe ukhipha imali, enza imizamo yokuyigcina iyimfihlo. Ungavumeli noma ubani azi ukuthi uzobe uyikhipha kuphi imali.

• Enza isiqiniseko sokuthi akekho umuntu okulandelayo uma ngabe usuka ebhange.

• Qaphela abantu abasolisayo uma ngabe usebhange, uma ngabe uzizwa ungaphephile cela usizo lwamaphoyisa.

• Kuyisu elihle ukuthi imali uyikhiphe ngezinsuku ezihlukene kunokukhipha isamba esikhulu semali ngosuku olulodwa.

• Gwema ukuphatha isamba esikhulu semali okungcono thumela imali ngomakhalekhukhwini.

• Gwema ukukhipha imali ube udle amanzi amponjwana

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.