Kuxwayiswe umphakathi ngelikaMaqatha

2018-10-03 06:01
IZITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi abasolwa kade bevele enkantolo ngoLwesine olwedlule.

IZITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi abasolwa kade bevele enkantolo ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMANTSHI ebhekelele icala likaMnuz Msawenkosi “Maqatha” Mchunu isikhiphe isexwayiso kuwona wonke amalunga omphakathi ukuba ayeke ukuthi ahleb ngezinto ezithinta leli cala.

U-Adv Ashwin Singh usho lokhu ngoLwesine olwedlule mhla zingama-20 kuMandulo (September) ngesikhathi kuvele abasolwa abayisithupha ngaleli cala.

Abasolwa okubalwa khona nekhansela laka-ward 10 uMnuz Nkosinathi Gambu bekulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili kodwa icala labo lahlehliselwa mhla zili-11 no-12 kuMfunfu (October) ukuze bezofaka isicelo sebheyili.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba abameli babo beveze ukuthi abakulungele ukuqhubeka naleli cala kanti futhi kunabasolwa ababili okusamele bayohlolwa odokotela ngoba kusolakala ukuthi bashaywa ngamaphoyisa ngesikhathi beboshwa.

Imantshi iphinde yakuqinisekisa ukuthi uma ngabe abasolwa sebebuyela enkantolo ngenyanga ezayo icala lizoqhubeka. “Icala aliqhubeki ngoba abasolwa bathi abakakulungeli. Sekumoshwe izinto eziningi zombuso kwenziwa ngenxa yaleli cala njengoba sengizwile nokuthi kunamaphoyisa angaphezu kwe-100 akhona kuleli cala. Bekumele engabe ljiqhubekile leli cala namhlanje kodwa abasolwa ibona abasephutheni.

“Ngosuku olulandelayo kuzoqhutshekwa akukho lutho oluzovimba. Uma kuke kwaba khona ukuhleba futhi nokungenelelwa kuleli cala ngiyanexwayisa, lowo muntu othintekayo uzojoyina abasolwa naye. Angeke size sikubekezelele ukugobhoza ngaleli cala,” kubeka yena.

Abasolwa bakhombise ukungabi nankinga ngokuhlehliswa kwecala labo njengoba bebezijabulele enkantolo bexoxa behleka.

Umnuz Gambu yena uze wakhuza iziqubulo esithi ‘Amandla ngesikhathi’ bekhishwa enkantolo ngesikhathi sekhefu.

Nakuba besingekho isixakaxaka enkantolo ngaphakathi, ngaphandle bekungekho mnandi njengoba bekunamaqembu amabili abalandeli ilabo abaseka uMaqatha nalabo abeseka abasolwa nokugcine ngokuthi sekubakhona ukujikijelana ngamatshe kwalamula amaphoyisa. Womabili lama qembu abe esehlukaniswa ngamasango ezinsimbi ukugwema udlame.

UMnuz Thulani Zungu nongubaba kaGift Zungu nobaba omncane kaMnu Gambu ubeseqenjini lelo eleseka abasolwa kanti ukubeke kwacaca ukuthi banesiqiniseko sokuthi abasolwa bayaqanjelwa abazange bakwenze loku okuthiwa bakwenzile.

Ngakolunye uhlangothi uMnuz Mntuza Mkhize noyikhansela laseDambuza uthe uMaqatha wabulawela ukuthi wayelwisana nenkohlakalo kumasipala uMsunduzi.

Uthe abantu abaningi bahlupheka nje balale bengadlile bengenayo ngisho imizi kungenxa yenkohlakalo.

“Sifuna ubuholi besifundazwe benhlangano i-ANC buze nabo enkantolo buzokweseka baphinde bavikele umndeni kaMaqatha. Kumele beze bazolwa indaba yokubulalwa kwabangu lapha eMoses Mabhida,” kubeka yena.

UMnuz Skhumbuzo Mpanza nophuma kwi-Sanco kuzwelonke uthe into abayibonayo iyadabukisa.

Uthe bafuna ukuthi ababulali baboshwe baze babolele ejele, wabe esenxusa namalunga omphakathi ukuba ungawulahli umndeni kaMaqatha kodwa uqhubeke nokuweseka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.