Kuyakhalwa ngokudlula emhlabeni kukaGwala

2018-10-17 06:04
ISITHOMBE: sithunyelweSizwe Gwala.

ISITHOMBE: sithunyelweSizwe Gwala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ILOKU itheleke njalo imiyalezo yenduduzo ngokudlula emhlabeni kukasomabhizini owaziwayo waseMgungundlovu uMnu Sizwe Gwala.

UGwala ( 38) nozalelwe endaweni yase-Edendale kodwa wakhulela Esigodini udlule emhlabeni ngoMsombuluko mhla ziyi-8 kuMfumfu (October) 2018 ekhaya lakhe ngemuva kokuphathwa ikhanda isikhashana. UGwala ubenenkampani ehlela imicimbi i-Xolisisizwe Trading and Project.

UGwala ubebambe elikhulu iqhaza ekuthuthukisweni kosomabhizinisi abancane kulelidolobha kanti ubephinde abe yisikhulu samaqembu ebhola amabili i-Juventus FC edlala kwi-Provincial ABC Motsepe League kanye Sizwe FC edlala kwi-Regional Vodacom League.

Okhulumela umndeni wakhe uPara Zondi uthi ukudlula kukaGwala kubethuse kakhulu kepha akuwona umndeni wakwaGwala olahlekelwe kepha umphakathi waseMgungundlovu wonkana ulimele njengoba uSizwe ubengumuntu wa- bantu. Ngemininingwane mayelana nezinhlelo zomngcwabo, abangani, ozakwabo emabhizinisini kanye nezihlobo bangathinta u-Para Zondi enombolweni ethi : 073 398 8456.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.