Kuyanda ukudunwa kwezimoto eMbali

2019-06-19 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIzimoto ezishiswe zangqongqa eMbali Unit 2.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIzimoto ezishiswe zangqongqa eMbali Unit 2.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LIYA ngokunyuka izinga lokudunwa kwezimoto endaweni yaseMbali.

Lokhu kulandela ukwenzeka kwezehlakalo ezenzeke ngempelasonto lapho abantu abehlukene bedunwe izimoto zabo okubalwa nephoyisa, bedunwe khona izimoto ngoLwesihlanu ebusuku mhla ziyisikhombisa kuNhlangulana (June).

Kuphinde kwadunwa izimoto ezinhlanu ngoLwesihlanu eMgungundlovu zashiswa eMbali Unit 2 emgwaqeni uHlokohloko.

Ukudunwa kwalezi zimoto kusolwa ukuthi bekuhlangene nokungcwatshwa kowesilisa waseMbali Unit 2 obengcwatshwa ngempelasonto nokuthiwa ubentshontsha izimoto.

Lona wesilisa kuthiwa ushone ngemuva ko-kokugwazwa kuyona le ndawo.

Imithombo ekhulume ne-Echo ithe bekuculwa kudanswa kuqhunyiswa nezibhamu ubusuku bonke ngoLwesihlanu.

“Bengiqala ukuyibona into enjena. Ilangabi ebelikhona ngesikhathi kushiswa izimoto beli-thusa. Asilalanga njengoba kuze kwasha ngisho isigxobo sikagesi kwaze kwaphuma umakhelwane wasicisha ngamanzi,” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu u-Sergeant Mthokozisi Ngobese uziqinisekisile izigameko zokudunwa kwezimoto ngoLwesihlanu wathi bekungakaboshwa muntu. Uthe amaphoyisa asaphenya ngalezi zimoto ezishiswe eMbali.

USergeant Nontuthuko Xulu waseMbali Unit J nosebenzela esiteshini i-Alexandra Police Station ungomunye wababe yizisulu zokudunwa kwezimoto ngempelasonto kanti ugcine edubulekile emlenzeni kulesi sigameko.

USergeant Xulu kuthiwa ubesanda kuvula isango kanye negalaji kubo esethi uyolanda imoto ngesikhathi ehlelwa ilesi sigameko.

Kuthiwa kuqhamuke abalisa abamyalele ukuba akalethe ukhiye wemoto wabe eseyagoloza wazama ukuwuphonsa ezimbalini kubo kodwa bawuthola bawuthatha.

“Uqhubekile walwa nabo kubangwa ukhiye ngesikhathi laba bafana bezama ukuthatha imoto kwaze kwaba bayamudubula emlenzeni kodwa waqhubeka walwa. Abafana baqhubekile bazama ukubaleka nemoto kodwa bahluleka ukuyilawula yabe isingena ematsheni yabhajwa bahluleka ukuyikhipha babe sebeyayishiya bebaleka ngezinyawo bayishiya imoto,” kuchaza umama kaXulu.

Ekhuluma ne-Echo uSergeant Xulu uthe uyelulama esibhedlela.

“Benginako ukwethuka ngemuva kwesigameko kodwa manje sengingcono ngiyelulama. Ngilimale umlenze lapho bengidubule khona kanye nasekhanda njengoba kade bengishaya ngesibhamu. Laba bafana angibazi ukuthi baqhamukephi ngoba ngibabone sebethushuka nje sebefuna okhiye bemoto,” kubeka yena.

UNks Londiwe Ngcobo (30) waseMbali Unit 15 naye ube ngomunye wezisulu zokuphucwa imoto yakhe yohlobo lwe-Toyota Hilux.

Uthe ubephuma eMbali Unit J ukuyoshiya umgani wakhe ngesikhathi ehlelwa ilomshophi.

Uthe ubemi emgwaqeni uThwala Road eMbali Unit 3 ngesikhathi kufika umfana ethi akalethe ukhiye wemoto.

“Bengivule ifasitela ngihamba nomngani wami sizoxoxela nje. Lo mfana omncane ufike wathi ucela ukhiye wemoto ngamugolozela wavele wafaka isandla phakathi wawuthatha. Ube esengishaya ngesibhamu ekhanda ethi angiphume emotweni kwabe sekuqhamuka inqwaba yabanye abafana.

“Ngesikhathi ngiphuma ngaphandle ngiphinde ngamphuca ukhiye ngabaleka nawo kodwa wangisukela baze bangifica sawubanga ukhiye baze bawuthatha. Ngesikhathi ngibaleka laba abanye kade bememeza bethi akangidubule,” kuchaza yena.

Uthe ngemuva kwaloko bonke laba abafana babe sebengena emotweni yakhe bayishaya ya-zula. Imoto igcine itholakale endaweni yaseWillowfontein ngoMsombuluko ekuseni .

Uthe namanje usathukile ngemuva kwalesi sigameko kanti naye uthole imihuzukwana ngesikhathi elwa nala bafana bebanga ukhiye baphinde bamushaya ngesibhamu ekhanda.

Usihlalo wenhlangano elwa nobugebengu (Community Policing Forum) ePlessislaer, uMnu Sfiso Mavundla, uthe izinga lokuntshontshwa kwezimoto endaweni yaseMbali liyenyuka kakhulu.

“Nakuba singakabi nazo izinombolo eziqondile kodwa ngokwezigameko ezihleli zibikwa njalo kuyakhombisa ukuthi izinga liyenyuka. Manje abasakhethi lutho futhi sebethatha lonke uhlobo lwemoto. Kubalulekile ukuthi abantu abahamba ngezimoto baqaphele ngaso sonke isikhathi,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.