Kuyimele kahle imbokodo kwi-Safa

2017-11-08 06:00

UMHLANGANO we-South African Football Association (Safa) oyisipesheli ngempelasonto edlule utshengise izinkomba eziqinile zokuthi kungenzeka ukuphathwa kwebhola kube nokushintsha okusha.

Ngesikathi zonke izicukuthwane nezikhulu eziphezulu ze-Safa zihlangene kulenqunquthela eyisipesheli (special congress) nebekubukeka iwumhlahlandlela kweyangonyaka ozayo nalapho kobe kukhethwa izikhundla, kuvele ngokusobala ukuthi lenhlangano kazwelonke eyengamele ibhola laseMzansi isikulungele ukunika abesifazane ithuba lokuphatha.

Ngesikhathi kungunuzwa futhi kucutshungulwa imininingwane eminingi mayelana nokukhethwa kwezikhundla kucace bha ukuthi yiningi imbokodo (abesifazane phela) abangathola izikhundla eziphakeme, ikakhulukazi zokuba isekela lika Mongameli we-Safa (vice-presidents).

Kuvele kwasobala nokuthi u-Safa uyakuthakasela noma-ke uzokhetha amasekela kaMongameli amane (four vice-presidents) nokuyoletha ushintsho olukhulu nokwenza umlando omusha eMzansi.

Amanye amagama avelayo ezinzwakazi ezikade zalibamba igeja lishisa ebholeni laseMzansi afana no Anastasia Tsichlas, Ria Ledwaba kanye noNomsa Mahlangu nababukeka befanelwe noma bangakhethelwa kulezikhundla.

Isikhulu esikhulu se-Safa nesiyi-CEO uDennis Mumble uthe zikhona izinto ezimbalwa eziwumhlahlandlela nezinqumo ezamukelwe yilenhlangano ngesikhathi kunomhlangano oyisiphesheli.

“Ezinye zezinto ezizoba wushintsho ezamekeliwe noma zavunywa wukuthi kukhethwe amasekela kaMongameli amane nekufanelwe isihlalo esisodwa sivulele owesifazane kanti esinye nangokujwaye siyekelwe uSihlalo we-PSL. Lezike ezinye ezimbili seziyokhethwa yikomiti eliphezulu likazwelonke (National Executive Committee) le-Safa,” kusho uMumble.

Lezizathu noma lomhlahlandlela uthathwa njengezinkomba ezethembisayo zokuthuthukisa nokubhekelela imbokodo.

Njengamanje ekomitini leSafa kunabesimame abane kodwa bathathu kuphela abavunyelwa usomqulu noma umthetho wokuthi bangathatha ezinye izikhundla ezithe xaxa.

Osabambe kwiPSL njengeCEO nothathwa njengeNkosazane enamandla yaKwaZulu-Natal uMato Madlala yena akakwazi noma umthetho awumvumeli ukuthatha esinye isikhundla ku-Safa futhi ubengakhethwanga kwabesifazane ababhekeke ukuthi mhlawumbe baphathe kulenhlangano.

Ngendlela izinto ezime ngazo okwamanje kuyacacisa ukuthi abasethubeni lokuthi baqokelwe lesikhundla esibalulekile o-Anastasia Tsichlas, Ria Ledwaba kanye Nomsa Mahlangu. Kuzokhumbuleka ukuthi okwamanje u-Safa unamasekela kaMongameli amathathu, nokunguSihlalo we-PSL Irvin Khoza, u-Elvis Shishana kanye no Lucas Nhlapho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.