Kuzocijwa amaciko aseMgungundlovu ngolwazi

2020-02-12 06:06
ISITHOMBE: sithunyelweUmhleli womcimbi uMondli Bhengu.

ISITHOMBE: sithunyelweUmhleli womcimbi uMondli Bhengu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO engenzi nzuzo, iKumele Arts Promotions, izobamba umcimbi wokucija amaciko aseMgungundlovu ngolwazi aphinde anikezwe ithuba lokubonakalisa ngamakhono awo.

Lo mcimbi uzoba mhla zinli-14 kuNhlolanja (February) e-Freedom Square kusuka ngo-8 am.

Ngokusho kukaMnu Mondli Bhengu, ongomunye wabahleli balomcimbi, uthe inhloso yawo ukunikeza amaciko ahlukahlukene ithuba lokuthi ahlangane ndawonye aphinde aveze amakhono awo.

“Kunethalente eliningi endaweni yethu yaseMgungundlovu kodwa inkinga ukuthi abantu abalitholi ithuba lokuthi bakhombise ngalo. Sifuna ukuphinde sisebenzise leli thuba ukuthi sifundise amaciko ngendima yezikaqeda isizungu.

“Amaciko amaningi, ikakulukazi abaculi, bazimele, akukho lapho besayinwe khona, ngako sibone kubalulekile ukuthi sithole abantu abazofika beze bazo bafundisa ngemikhakha eyahlukene abakuyona. Sifuna ukubafundisa ukuthi bangenza njani ukuthi bakhule emikhakheni yabo eyahlukene ngisho kuthiwa bazimele,” kubeka yena.

Wonke amaciko amukelekile ekubeni ingxenye yalomcimbi.

Ngeminye imininingwane ungathintana noNhlanhla enombolweni ethi: 074 428 6231.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.