Kuzofiwa kweyeNedbank Cup

2016-04-06 06:00
PHOTO:backpagepix Umdlali weMaritzburg United uPhilani Zulu okulindeke        ukuba asize iqembu lakhe linqobe njengoba lizobe libhekene neMpumalanga Black Aces ekuhambeni ngoMgqibelo.

PHOTO:backpagepix Umdlali weMaritzburg United uPhilani Zulu okulindeke ukuba asize iqembu lakhe linqobe njengoba lizobe libhekene neMpumalanga Black Aces ekuhambeni ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKWENZA kuzothi ukushintsha kule mpelasonto njengoba amaqembu amaningi ezobe enephuzana emidlalweni yeNedbank Cup.

Mhlawumbe imidlalo yalo mqhudelwano izoke ithi ukuthoba abalandeli bebhola bakuleli amanxeba ngoba phela umkhankaso we-2017 African Nations Cup weqembu lesizwe, iBafana Bafana phela ayikafuni ukucaca kahle-hle.

Imidlalo edlalwe yiBafana Bafana neCameroon ekuhambeni (2-2) nasekhaya (0-0) eThekwini) ishiye imibuzo eminingi kubalandeli bebhola laseMzansi, bezibuza ukuthi kaze ngonyaka ozayo siyaya yini kwi-2017 ACN.

Uma sibuyela kwimiqhudelwano yasekhaya, imidlalo yeNedbank Cup edume nge“Ke Yona” izobe ithe chithi saka izwe lonke. Le midlalo izoqhubeka ngoLwesihlanu lwakusasa. Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo yalo nqhudelwano ivamise ukuwaxaka amaqembu amakhulu akwiPSL, kahle-kahle ofishi abancane bavamise ukudla abakhulu.

Kuzokhumbuleka imigilingwane nezimanga ezenziwa yiBaroka FC neFET Maluti College eminyakeni embalwa edlule. Okubuye kuthuse ofishi abakhulu abakwiPSL ukuthi laba bhemu beBaroka FC basekhona kulo mqhudelwano. Ushikishi luzoqala e-Old Peter Mokaba ngoLwesihlanu lapho ezinye zezikhokho zePSL iBidvest Wits izobhekana khona neMagesi FC.

Umqeqeshi weziTshudeni uGavin Hunt uthi iqembu lakhe angeke liyithathe kancan iMagesi FC. Uyavuma futhi ukuthi le njejane encane ivamise ukuba yinkinga kumaqembu amakhulu akwiPSL.

“Emidlalweni yezinkomishi njengeNedbank Cup, alikho iqembu elincane futhi wonke umuntu uyinkinga futhi kungenzeka noma yini. Thina sizodlala nabo njengeqembu elikwiPSL futhi sizimisele ngokunqoba ukuze siqhubekele phambili kulo mqhudelwano. Thina asinalo iqembu esilithatha ngokuthi lincane noma likhulu, sihlonipha wonke amaqembu,” kusho uHunt.

Kanti okunye okuthokozisayo ukuthi womabili amaqembu aKwaZulu-Natal, iMaritzburg United neLamontville Golden Arrows asekhona kwiNedbank Cup.

ITeam of Choice yona izobhekana neMpumalanga Black Aces ekuhambeni kwaNyamazane Stadium eMpumalanga ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Okhulumela iTeam of Choice uBrian Zuma uthi kulezi nsuku awukho umdlalo olula nongeke wanakwa ngoba ukuwina kungagqugquzela abadlali ukuthi bafune ukushaya kwasani baze bakwazi ukulivika nezembe.

Kanti ama-Arrows amahle wona azobe enephuzana, nalezozi fanyana eziyinkinga iBaroka FC ngeSonto eChatsworth Stadium.

Kanti imidlalo yeNedbank Cup isiyonke imi kanje:

Friday, 1 April

IMagesi FC ne Bidvest Wits e-Old Peter Mokaba Stadium ngo-8 ebusuku

Saturday

IPlatinum Stars ne Polokwane City eRoyal Bafokeng

Stadium ngo-3 ntambama, iBlack Aces ne Maritzburg Utd Kanyamazane Stadium ngo-3 ntambama, iMamelodi Sundowns ne Mbombela United eLucas Moripe

Stadium ngo-8: 15 ebusuku, iSantos ne Free State Stars e-Athlone Stadium ngo-8:15 ebusuku

Sunday

15:00 IJomo Cosmos ne Orlando Pirates e-Olen Park Stadium ngo-3 ntambama, Golden Arrows ne Baroka FC eChatsworth Stadium ngo-3 ntambama

Tuesday, 5 April

SuperSport United ne University of Pretoria eLucas

Moripe Stadium ngo-7:30 ebusuku.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

6 myths about male cancer
Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.