Kuzohlungelwa oka Miss KZN Traditional

2017-02-01 06:01
PHOTO:supplied Izintokazi ezinqobe koka Miss KZN Traditional ngonyaka owedlule (kusuka kwesokunxele) uThembeka Ngobe, Nokwanda Mtshali no Andiswa Ziqubu.

PHOTO:supplied Izintokazi ezinqobe koka Miss KZN Traditional ngonyaka owedlule (kusuka kwesokunxele) uThembeka Ngobe, Nokwanda Mtshali no Andiswa Ziqubu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUMENYWA izintokazi eziphakathi kweminyaka engu 14 kuya 21 ezifuna ukuba yingxenye yomncintiswano kazime oba minyaka yonke uMiss KZN Traditional ukuba ziphelele eBassie Head Library mhlaka 4 February.

UMbuso Nyandu ohlela lozime uthe uzoqala eMgungundlovu umshikashika wokuhlungela izintokazi ezizoqhudelana kowamanqamu ngenyanga kaDisemba. Mhlaka 18 kuFebhruwari uthe abahleli balomcimbi bayobe sebhekisa amabombo eLadysmith beyohlunga izintokazi zakhona.

UNyandu uthe eMgungundlovu bazobe befuna izintokazi ezingu 15 ezizoyolwelwa isicoco kowamanqamu.

“Inhloso yethu yokwenza lomcintiswano ukuthi siqoqe intsha yesifazane kube ezoba bhizi ngako ingazibandakanyi nezidakamizwa bese kuthi nalabo abasafuna imisebenzi bathole into abazoyenza.”

Lomncintiswano ungowesihlanu kulonyaka kanti ngonyaka owedlule isicoco sithathwe intokazi yase Mooi-River uNokwanda indawo yesibili yathathwa u-Andiswa Ziqubu wase Escourt kwase kuthi owalala indawo yesithathu kwaba uThembeka Ngobe wase Edendale.

UNyandu uthe lo zime ugqugquzela intsha esakhula ukuba ingayikhohlwa imvelaphi yayo.

“Sifuna kakhulukazi izintokazi eziyaziyo imvelaphi yazo futhi ezizigqajayo ngesintu. Umncintiswano wethu uncike kakhulu ekufukuleni imvelaphi yethu ngakho angeke umuntu ongasazi isintu akwazi ukuwungenela ngoba uzohluleka ohlelweni lwethu lokuhlunga.”

UNyandu uthe bonke abazongenela kufanele babe ngabantu abangenazo izingane futhi abangenawo amacala aseke bawenza ngaphambilini.

Kulonyaka umcimbi wamanqamu uyobanjelwa eMpangeni e-Mbizo Hall mhlaka 9 kuDisemba.

Uhlelo lokuhlungela eMgungundlovu luyoqala ngo 9 ekuseni kuze kube u1 emini. Abafisa ukungenela kufanele baphathe uR60. Ngeminye imininingwane bangaxhumana no-Nyandu ku 079 616 0059.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.