Kuzokhethwa unobuhle wesintu

2017-11-22 06:01
Isithombe: SithunyelweAbahamba phambili kumqhudelwano u-Miss KZN Traditional wangonyaka ofile, Inkosazana yokuqala u-Andiswa Ziqubu, owathatha isicoco uNokwanda Msibi kanye noThembeka Ngobe.

Isithombe: SithunyelweAbahamba phambili kumqhudelwano u-Miss KZN Traditional wangonyaka ofile, Inkosazana yokuqala u-Andiswa Ziqubu, owathatha isicoco uNokwanda Msibi kanye noThembeka Ngobe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBALIYEZWE Models izokhetha u-Miss KZN Traditional 2017, uzime wezintombi obukeka ukhula ngesasasa.

Umcimbi uzobanjelwa eNtulo Lifestyle endaweni yase Sweetwaters mhlaziyi 2 kuDisemba.

Lozime wezintombi osekungokwesihlanu wenziwa uhlezi uba nesasasa. Intokazi eyaphumelela ngonyaka ophelile kwaba nguNokwanda Msibi ohlala endaweni yase Mooi River.

Kulonyaka lendumezulu kazime wezintombi izosukela kwinxanxathela yezitolo yase-Hilton lapho zonke izintokazi ezingenele lo mcintiswano zizobe zithatha izithombe kusuka ngo-11 ekuseni.

Ngo-12 emini ziyobe sezisuka siviliyela emgwaqeni zibheke eNtulo Lifestyle lapho ziyoshukana khona.

Lozime wakwaZulu-Natal usufana nomkhosi wezintombi ezingama-models njengoba kusuke kuhlangene sonke isifundazwe sizobuka izintokazi zikhangisa ngamakhono azo ngesintu.

Umhleli walo mcimbi, uMnu. Mbuso Nyandu uthe: “Impela kulonyaka lizobe libhubha eMgungundlovu njengoba nosaziwayo bazobe bekhona kanye nezintombi ebezihambele u-Miss Cultural Indoni nazo zizobe zizothela ulwazi ngesintu kanye nangokuzigqaja ngamasiko,” kusho yena.

Uqhube wathi inhloso yalozime waKwaZulu-Natal ukuba izintombi zifunde ukuziphatha kahle ngokuthi zingangeni kwizidakamizwa ukuze ikusasa lazo libe impumelelo.

Lozime uyoqala ngo-12 emini kuze kulamule ukushona kwelanga. Amathikithi okungena abiza u-R50 kanti lawa ezicubuthwane abiza u-R120.

Ngeminye imininingwane ungathinta uMnu. Nyandu ku 072 616 0059.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.