Kuzokhulekelwa izingozi zomgwaqo eVulindlela

2019-11-13 06:00

UKUNYUKA kwezinga lezingozi ezenzeka emgwaqeni ezindaweni ezingaphansi kukaVulindlela sekwenze ukuba umphakathi uhlanganise uhlelo lomkhuleko wokukhulekela lezi zingozi.

Lo mkhuleko uhlelwe inhlangano engenzi nzuzo i-Vuliway Youth Club ephinde ibe yingxenye yekhasi e-Ezase-Top ezinkundleni zokuxhumana uFacebook. Umkhuleko wethiwe ngokuthi ‘Sekwanele Baba Prayer uzoba mhla zingama-28 kuLwezi (November) ehholo lakaGezubuso ngehora leshumi (10am) ekuseni.

Lo mkhuleko uzoba ngempelasonto njengoba kusanda kuba khona inhlekelele yengozi endaweni yakaMnyandu nalapho kushone khona abantu abayisihlanu.

Le ngozi ibibandakanya iloli kanye neveni ebelilayishe abantu. Abantu abashonile kubalwa khona nengane eneminyaka emithathu.

Iveni kuthiwa belilayishe abantu abali-10 kanti bebephuma emcimbini womndeni obuse Emthunzini ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

UNks Lungi Cele nongomunye wabahleli balo mkhuleko ngaphansi kwenhlangano i-Vuliway Youth Club uthe lena ngenye yezindlela abazama ngayo ukulwisana nezinga lezingozi eliphezulu kakhulu endaweni yakaVulindlela.

Ngaphandle kwezingozi uthe bazobe bekhulekela nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nezinga eliphezulu lokungasebenzi kwentsha.

UNks Cele uthe kuzona zonke lezi zinto abazobe bezikhulekela inkinga yezingozi iyona ehamba phambili.

“Sesikhathele izingozi ezenzeka njalo kulezi zindawo zidlule nemiphefumulo yabantu. Okubuhlungu kakhulu ukuthi lezi zingozi zenzeka ezindaweni ezizodwa.

“Sibone sekuyisikhathi sokuthi nathi sisukume sicele uMvelingqangi ukuba naye engenelele ngoba sekungaphezu kwamandla ethu manje asisazi ukuthi kumele senze njani,” kubeka yena.

UNks Cele uthe izindawo ezijwayele ukuba nezingozi ikaMnyandu, ebhulohweni eTaylors kanye nasebhulohweni laseMzamweni.

“Ayipheli inyanga ingenzekanga ingozi kweyodwa yalezi zindawo sikhathele ukulahlekelwa imiphefumulo nokulinyalelwa abantu. Sifuna kuke kuhlanganwe kukhulekwe ku phinde kubhungwe ukuthi yini engasiza ukugwema lezi zingozi ukuba zinciphe okanye ziphele qobo zingasenzeki,”kuchaza yena.

Kunxuswa umphakathi ukuba uphume ngobuningi bawo uzokhulekela lesi sihlava kanti futhi uyanxuswa ukuba ufake izivatho zasemandleni awo. Akukhethile ukuthi uhlala kuyiphi indawo noma ubani wamukelekile ukuba indlenye yalomkhuleko.

“Ayipheli inyanga ingenzekanga ingozi kweyodwa yalezi zindawo sikhathele ukulahlekelwa imiphefumulo nokulinyalelwa abantu.

Sifuna kuke kuhlanganwe kukhulekwe ku phinde kubhungwe ukuthi yini engasiza ukugwema lezi zingozi ukuba zinciphe okanye ziphele qobo zingasenzeki.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.