Kuzokwakhiwa iSwimming Pool eMthethomusha

2016-06-22 06:00
PHOTO:Nokuthula khanyile Emcimbi wokuphendulwa kwesoyi lapho kuzokwakhiwa khona indawo yokubhukuda eMthethomusha Primary e-Edendale.

PHOTO:Nokuthula khanyile Emcimbi wokuphendulwa kwesoyi lapho kuzokwakhiwa khona indawo yokubhukuda eMthethomusha Primary e-Edendale.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIKOLE samabanga aphansi sase Edendale uMthethomusha Primary, kuzoba ngesokuqala kulendawo ukuthi sibe nesakhiwo sokubhukuda. Lokhu kuzofezekiswa usomabhizinisi wendawo uMnuz Themba Njilo we-Nduduzo Funeral Home, ozofeza isithembiso sakhe seminyaka sokwakhela lesikole indawo yokubhukuda.

Ngesikhathi kuphendulwa isoyi lapho kuzokwakhiwa khona lendawo yokubhukuda ngoLwesihlanu olwedlule, uMnuz Njilo uthe okumenze wafuna ukwakha lendawo yokubhukuda ukubona ukwanda kwesibalo sezingane ezishona ngokugwiliza.

“Njengomuntu onebhizinisi labangcwabi ,ngiyazazi izinto ezibulala kakhulu abantu, ebusika kushona kakhulu ogogo kanye nabantwana abancane bebulawa amanzi bese kuthi ehlobo kushone abafundi abasuke besemaholidini behambele izindawo ezifana namabhishi no-swimming pool emadolobheni abasuke begwilizile.”

UNjilo uthe inkinga enkulu kusuke kungukuthi izingane zasezikoleni zabampofu azifundisekile ngamanzi.

“Ukugwema into efana naleyo ngibone kukuhle ukuthi ngakhe lendawo yokubhukuda ukuze izingane zithole ukufundiseka zisesemazingeni aphansi.”

UNjilo uthe ulindele ukuthi ugandaganda uqale ukumba ngamaholidi kaJuni ukuze umsebenzi uzoqala.

“Uma kushaya isikhathi sasehlobo nje kufanele ube umsebenzi wonke usuphelile nabantwana sebekwazi ukusebenzisa lesakhiwo.”

UThishanhloko waseMthethomusha uMnuz Msizi Gumede uthe kuyabathokozisa njengesikole ukuthi uNjilo agcine isithembiso sakhe.

“Wamemezela eminyakeni cishe emithathu eyedlule kade sinomcimbi lapha esikoleni ukuthi unesifiso sokuthi asakhele indawo yokubhukuda. Kuyasithokozisa ukumbona esigcina isithembiso sakhe.”

UGumede uthe ukuba khona kwalendawo yokubhukuda kuzobalekelela kakhulu ekukhuphuleni amazinga aphansi abantwana ababhalisa kulesikole.

“Njengamanje sinenkinga enkulu yokuncipha kwesibalo sabafundi bethu, ngakho ukuba yisikole sokuqala esine-swimming pool e-Edendale kuzokwenza umehluko ngoba izingane eziningi zifudukela ezikoleni zasemadolobheni ngoba zifuna zona lezakhiwo,” kusho uGumede.

UNobhala we-ANC ngaphansi kwesiFunda saseMoses Mabhida uMnuz Mzi Zuma naye obeyingxenye yomcimbi wokuphendulwa kwesoyi unxuse abaseMthethomusha ukuba lendawo yokubhukuda bayivulele nezikole ezingomakhelwane.

“Sibonga uNjilo ngokusukumela izinto ezithinta inhlalonhle yomphakathi. Kufanele lendawo yokubhukuda ikhuphule amakhono ngoba ngokubhukuda abantwana bangakwenza umsebenzi wokuziphilisa. Siyacela ukuthi kube khona indlela yokulekelelana nezikole eziseduzane lesi kube yisakhiwo esizosiza bonke abafundi bendawo,” kusho uZuma.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

6 myths about male cancer
Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.