Kuzokwethulwa inhlangano ngokusemthethweni

2018-10-24 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga enhlangano Isililo Organisation aphuma ezindaweni ezahlukene.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga enhlangano Isililo Organisation aphuma ezindaweni ezahlukene.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUZOBANJWA umcimbi wokwethula ngokusemthethweni inhlangano engenzi nzuzo yomphakathi eyethiwe ukuthi -Isililo Organisation nekuhloswe ngayo ukunakekela amalunga emphakathi agulayo kanye nezintandane.

le nhlangano yonompilo izokwethulwa ngokusemthethweni mhlaka-1 kuZibandelela ehholo lase-Tamboville ngohora leshumi ekuseni (10am).

Ngokusho kukaSihlalo wayo uNks Ntombikayise Mtolo uthe bathathe isinqumo sokuba bayethule ngokusemthetweni ukuze abantu bezoyazi.

“Sesineminyaka sawuqala lo msebenzi kodwa sibona engathi abantu esibasebenzelayo emiphakathini yethu abakazi lutho ngathi kangangokuba kwesinye isikhathi ugcina usubuzwa ukuthi uphumaphi ngoba abayazi inhlangano yethu, ayikaze yethulwe kubona ngokusenthethweni.

“Into eyenza ukuba sinqume ukusungula le nhlangano ingoba besifuna ukusiza umphakathi. Abantu abaningi bayagula abakwazi ukuzinakekela, abanye baze bayeke ngisho ukudla amaphilisi ngoba besaba ukuya emtholampilo okanye bengenawo amandla okuzifikela bona emtholampilo. Thina ke siyabasiza naloko senze isiqiniseko sokuthi bayadla bayawaphuza namaphilisi,” kubeka yena.

Le nhlangano isebenza ezindaweni eziningi njengoba inamalunga ahlukene endaweni yaseWillowfontein, Imbali Unit 14, Tamboville, Copesville kanye nakaNyamazane.

UNks Mandisa Mzimela nongunobhala wayo le nhlangano uthe basebenza zonke izinsuku ngaphandle kokuthola inzuzo kodwa ngoba befuna ukusiza umphakathi. Uthe izinkinga ababhekana nazo ukuthi abanye abantu abahambelayo babafika bengenalutho ngisho okuya ngasethunjini nokugcina sekwenza umsebenzi wabo ube nzima.

“Baningi kakhulu abantu esibahambelayo kanti futhi izinkinga zabo nazo zihlukene angeke size sikwazi ukuthi sizjilwe thina sodwa. Ingako sicela ukuthi sisebenzisane nosonhlalakahle, osomabhizini abangakwazi ukusixhasa kanye nabazamasonto. Uma singasebenzisana kuningi esingakwenzela imiphakathi yethu. Singajabula kakhulu uma singathola nabantu abangasixhasa ukuze siqhubeke senze umsebenzi omuhle siwenzela umphakathi,” kuphetha yena.

Ngeminye imininingwane mayelana nomcimbi okanye inhlangano uqobo lwayo ungaxhumana noSihlalo enombolweni ethi : 083 865 9825 okanye uNobhala: 063 329 0648.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.