Kuzokwethulwa uhlelo lokuzivocavoca

2019-04-03 06:00

KUZOKWETHULWA ngokusemthethweni uhlelo lokuzivocavoca endaweni yase-Ashdown ngoMgqibelo mhla zingama-30 kuMbasa (March) ezinkundleni zemidlalo yakuyona lendawo ngehora leshumi ekuseni (10am).

Lolu hlelo lwama-aerobics lwethiwe ngokuthi iZilolonge aerobics Centre.

Ngokusho komunye wabasunguli balo uNks Nonjabulo Nxumalo uthe bayaqala ukuthi babe nohlelo olufana nalolu endaweni kanti inhloso yalo ukukhuthaza ukubaluleka kokuzivocavoca nokuhlala uphilile ngaso sonke isikhathi.

“Kunabantu abaningi abathandayo ukuba babe ingxenye yezindawo zokuzivicavoca kodwa uthole ukuthi abanayo imali yokugibela baye kuzona ngoba ayikho endaweni. Lokhu kuzosiza kakhulu umphakathi wethu ukuthi uhlale uphilile ngaphandle kokuthi uhambe uze ukhiphe imali ngoba uthi ufuna ukuzivocavoca. Into emnandi kakhulu futhi ukuthi uma ngabe ufuna ukuba ingxenye yalolu hlelo akudingeki ukhokhe lutho ngoba kumahhala,” kubeka yena.

Uthe ngaphambi kokuba kwethulwe lolu hlelo kuzoqala kube khona i-fun run yebanga lika-5km nemahhala ukuyijoyina.

Ngeminye imininingwane mayelana nalomcimbi okanye ukujoyina leli qembu lokuzivocavoca xhumana noNonjabulo enombolweni ethi : 079 258 4979 noma uNombuso : 061 468 5470.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.