Kuzonuka itiyela neteku zidlans imilala kwi Comrades Marathon 2016

2016-06-01 06:00
PHOTO:supplied Gift Kelehe.

PHOTO:supplied Gift Kelehe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMJAHO waminyaka yonke nodume ngendlela eyisimanga iComrades Marathon ezosukela ePietermaritzburg kulonyaka ize iyophelela eMdubane, eDurban phela eliduma amagagasi, izoba lukhuni ukuyiqagula ukuthi ubani kahle-hle ozodla umhlanganiso.

Owadla ubedu ngonyaka odlule ezinsizweni uGift Kelehe nosethathwa njengosibali noma umkhwenyana waseKwazulu Natal emva kokucela isihlobo esihle endaweni yaseSigodini eMphithi (Maritzburg). Kanti owadla umhlanganiso kwabesifazane kwaba uCaroline Wostmann.

Umbuzo olokhu ubuzwa ngabantu baseMzansi ikakhulukazi abalandeli bezokusubatha uthi ingabe abagijimi balelizwe bazokwazi futhi yini ukunqoba lomjaho.

Phela uKelehe noWostmann bachaza izwe lonke futhi baphakamisa ifulegi laseMzansi ngeqholo elikhulu ngesikhathi beshaya kuqala intambo nyakenye futhi bobabili bevela eMzansi.

Kulonyaka uWostmann uthi njengoba awina ngonyaka odlule ufisa ukuthi akwazi futhi ukunqoba umjaho walonyaka uzobe wehla ngoba phela uzophelela eThekwini.

Lomjaho uyibanga elingamakhilomitha awu 89km.

“Ngingathi mina amalungiselo ami ahambe kahle, chan angikhali ngalutho futhi-ke ngingavuma ukuthi sengilinde usuku olungaliyo, iSonto phela.

Ngiyacabanga ukuthi ukuwina kwami futhi ngalonyaka kuzofeza amaphupho ami ngoba kade ngangifisa ukuwina uma kukhuphukwa (up run from DBN to

Pmb) bese ngibuya nginqobe uma sekwehliwa (down run). Ngamafuphi ngingathi ngizolwelwa ukuwina lomjaho walonyaka ngoba ngifuna ukufeza leliphuphu nokungangiqophela umlando njengomgjimi waseMzansi,”kuqhuba lomgijimi.

Kanti kusobala ukuthi lomsubathi angase abe sethubeni lokuwina futhi ngoba amawele adumo aseRussia u Elena no Olesya Nurgalieva awezi kulonyaka.

UKelehe uthi yena kunzima ukusho ukuthi kuzokwenzeka kanjani kulonyaka ngoba konke kucaca ekuseni ngosuku lomjaho ukuthi uzizwa kanjani.

Kanti akakhali ngalutho mayelana namalungiselelo alomjaho, ngokusho kwakhe zonke izinto ziqhubeke kahle nangendlela ekade kuhlelwe ngayo.

“Kuzoba nzima khona, kodwa nami sengingasho ukuthi sengiwulungele lomjaho kanti futhi angikhali lutho mayelana ngamalungiselelo.

Ngiyojabula uma ngingase futhi ngiwunqobe lomjaho. Nokuthi nje unqotshwe omunye wethu wabagijimi aseMzansi kuyona mnandi,”kusho uKelehe.

Kanti omunye umsubathi ekubhekeke ukuthi angene nabanye phambili noma awudle umhlanganiso uBongumusa Mthembu nowawina ngo 2014 kusukwa eMaritzburg kuyiwa eDurban. UMthembu uyavuma ukuthi uma kusukwa eThekwini kuyiwa eMphithi kuke kungamphathi kahle.

“Mina ngincamela i down run futhi-ke ngivamise ukwenza kahle uma kuyiyona.”

Kanti abadla umhlanganiso ngonyaka odlule bama kanje:

2015 Winners of the Comrades Marathon:

Men:

1 Gift Kelehe, South Africa, 5:38:36

2 Mohammed Husien, Ethiopia, 5:46:14

3 Hatiwande Nyamande, South Africa, 5:48:19.

Women:

1 Caroline Wostmann, South Africa, 6:12:22

2 Charne Bosman, South Africa, 6:33:24

3 Elena Nurgalieva, Russia, 6:40:36

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.