Kuzophenywa olwezindlu eMbali

2018-10-10 06:04
IMeya yomasipala Msunduzi uMnu Themba Njilo (kwesobunxele) kanye noNdunankulu wesifundazwe uMnu Willies Mchunu ngesikhathi beyohlola uhlelo lwezindlu e-Phase 4 eMbali Unit 13.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

IMeya yomasipala Msunduzi uMnu Themba Njilo (kwesobunxele) kanye noNdunankulu wesifundazwe uMnu Willies Mchunu ngesikhathi beyohlola uhlelo lwezindlu e-Phase 4 eMbali Unit 13.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNDUNANKULU wesifundazwe saKwa­Zulu-Natal uMnu Willies Mchunu usethembise ukuthi uzokwenza uphenyo mayelana nohlelo lwezindlu olungakapheli namanje ekubeni laqalwa ngonyaka ka-1995 endaweni yaseMbali Unit 13 kanye nase-BB nokuyizindawo ezingaphansi kuka-ward 17.

UMnuz Mchunu ukuveze loku ngesikhathi ehambele le ndawo ngoLwesithathu olwedlule mhla zingama-26 kuMandulo (September).

UMchunu ubehola ithimba lakhe labongqongqnoshe eMgungundlovu njengoba kade beqhuba uhlelo lukaSukuma Sakhe nalapho besuke bebheka izinkinga ezikhungethe umphakathi komasipala abaehlukene.

UMacingwane uqale wahambela uhlelo lwezindlu olwakhiwayo eMbali nalapho efike wazwakalisa khona ukungenami ngendlela lolu hlelo oluhamba ngayo.

Ube esehambela ehholo laseMbali Unit 13 nalapho efike waxoxisana khona nomphakathi ngezinkinga obhekene nazo. Inkinga ebeyihamba phambili kulo mhlangano udaba lwezindlu njengoba umphakathi ubukhala ukuthi sekuphele iminyaka ulinde ukwakhelwa kanye nokulingiselwa izindlu zibe sesimweni esigculisayo.

Lo mphakathi ukhala ngokuthi zonke izinkampani ezifikayo ukuthi azizobakhela izindlu zifike zishiye phakathi zingaqedanga bese kuyama ukusebenza, kuphinde kufike enye futhi nayo iphinde ishiye kanjalo.

uNhlanhla Ngubane uthe inkinga ababhekene nayo enkulu ukuthi uhlelo lwezindlu seluthathe isikhathi eside kakhulu.

“Sivele sithi siyezwa kuthiwe inkampani ayisekho ibe ingaqedanga. Ayikho iminyango esingayihambanga sizama ukulubika lolu daba kodwa ayikho into eyenzekayo.”

uPinky Ntshulana wase-Phase 4 uthe : “Udaba lwezindlu luyasihlukumeza kakhulu. Thina ekhaya indlu isidilizwe kabili saphuma sayohlala emagobongweni ngoba sazi ukuthi ukulungiswa kwendlu kuzothatha amasonto ayisithupha kuya ezinyangeni ezimbili kodwa loko akuzange kwenzeke.

“Indlu yayingenawo ngisho uthayela phezulu sazizamela sawufaka lwaphinda labuya futhi uhlelo lokwakhiswa kwezindlu yadilizwa yaqede yangaqedelwa ukulungiswa yashiywa kanjalo.

Kwasiphoqa ukuba sakhe indlu ewurawondi esizohlala kuyona ngoba eyethu ibisadilizwa.Indlu esihlala kuyona kumanje ayinagesi, ayinamanzi futhi ayinayo nendlu yangasese. Nalapho kade sibeke khona izimpahala zethu kuyanetha sezimoshekile zonke.”

UNdunankulu Mchunu uthe uphoxekile kakhulu ngendlela uhlelo lwezindlu oluqhubeka ngayo kulendawo.

“Kunezindlu ezingamagebhu lana kodwa kunamabntu abahlala khona phakathi. Kunenqwaba yezindlu ezingalungisiwe lapha kanti indlela lolu hlelo lokwakhiswa kwezindlu oluqhubeka ngayo lushayisa ngamahloni.Sithanda ukuxolisa kulabo bantu abahlala kulezo zindlu ezikuleso simo. Abantu akumele engabe baphatheka ngalendlela.

“Lena into efuna ukulungiswa ngokushesha. Ngizohamba ngiyohlangana nongqongqoshe wezezindlu sifuna asichazele asiqalele phansi asitshele ukuthi imalini eseyisetshenzisiswe kulolu hlelo lwezindlu kusukela ngonyaka ka-1995 njengoba izinkampani ezakha lezi zindlu zishintshwashintshwa. Kuyimanje asazi ukuthi inkampani ekhona ikhokhelwa malini. Angeke size sisole muntu okwamanje kuze kube sekuvele iqiniso,” ubeke kanje.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.