Kuzoqhululwa amahlaya KwaNyamazane

2016-08-24 06:00
PHOTO:supplied Idili lomcimbi wamahlaya KwaNyamazane.

PHOTO:supplied Idili lomcimbi wamahlaya KwaNyamazane.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAZOHLEKA kuze kube buhlungu izisu abathandi bamahlaya endaweni yaKwaNyamazane njengoba kuhlelwe idili lomcimbi wosomahlaya.

Ngokusho komgqugquzeli walomcimbi uSakhile Lombo ongaphansi kwenhlangano iHappy Nation Productions, lomcimbi obizwa ngele ‘Siyahleka Kuphela Comedy Session’ uhlelelwe umhlaka 27 ku Agasti KwaNyamazane esontweni KaMbatha.

“Inhloso yalo mcimbi ukuhlanganisa osomahlaya base Mgungundlovu ukuze kwakheke inhlangano yosomahlaya nokuthuthukisa lo mkhakha wamahlaya kwezikaqeda isizungu ngoba kubonakala sengathi uthanda ukushabalala kulelidolobha. Kulo mcimbi sizokhetha osomahlaya abayoshaya into ecokeme sisebenzisane nabo kwimidlalo yamahlaya esiyishuthayo.”

Uthe kumanje babheke ekushutheni ingxenye yesibili yomdlalo owaziwa ngokuthi Insini Comedy Drama. Lona umdlalo wamahlaya okhuluma ngezelamani ezinephupho lokuba ngabaculi obhalwe uScelo “Thyza” Sithole waqondiswa uSakhile Lombo kanti ingxenye yawo ishuthelwe elokishini lase Slangspruit.

Uthe kulomcimbi bathanda ukumema namanye amaciko ukuba abe yingxenye yohlelo. “Sithanda nokumema nabanye abenza ezobuciko ezahlukahlukene abafana nezimbongi, abacula uMaskandi, iHip hop, Kwaito, umculo wokholo kanye nokunye.”

ULombo uthe phakathi kwabaculi abayoshiyelana inkundla kulomcimbi kubalwa uThyza-uMadlisa, Kidult, Amajaji Amahle, Ama NUM, Kaybeats, Mnqobi no Mabattery, Mcobhozi, Sthe-Rasta, Jobe, Lwazi no Luyanda-Osonkondlo nabanye abaningi.

Emnyango kungenwa ngo R5 umuntu ngamunye kanti kucelwa ukuthi abantu bangawufaki umfaniswano wezepolitiki futhi notshwala buyobe bungavumelekile. Umcimbi uyoqala ngo 9h30 ekuseni.

Abanesifiso sokubhalisa amaqembu abo bangathintana noSakhile Lombo ku
072 627 1986 noma 074 208 9430.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.