Kuzoshikisha ufudu emidlalweni yaka ward 34

2019-07-10 06:00

USUKU lwemidlalo yaminyaka yakwa Ward 34 (Annual Ward 34 Sports Day) selusemome futhi kuyobe kushikisha ufudu.

Phela kulonyaka iWard 34 Annual Sports Day ihlelwe ukuba ibe ngomhlaka July 27 ePanorama Primary School kusukela ngo 8.30 am.

Izindawo ezingaphansi kuka Ward 34 iEastwood, Cinderella Park, Panorama neMadiba.

Imidlalo ezodlalwa ngalolusuku ibhola (seniors/open no U17), ibhola lomnqakiswano (netball) kanye nezokugijima (fun run/walk).

Noma lemidlalo kungeyakwa-Ward 34 kodwa amaqembu aqhamuka kwezinye izindawo noma emaWadini angaphandle avumelekile ukuzodlala nawo.

Umsunguli walemidlalo nentatheli esumnkantsha bomvu uJerry Barnes uthi imidlalo yalonyaka izobe ikwenye izinga ngoba kuningi okushintshile futhi konke kuzobe kusemgangathweni ophezulu.

uBarnes uthi imidlalo iyobe yabusiswa abaxhasi abasha bakwa Just Build abazihlanganise nalemidlalo nabazosiza ngendlela ezehlukene.

“Sibenhlanhla enkulu kulonyaka, omunye wosomabhizinisi ohlonipheke kakhulu endaweni umhlonishwa Naseem Badat wakwa Just Build ungabaxhasi bethu abasha futhi uzosiza ngezinto eziningi,” kusho uBarnes.

Ngokusho kwalomsunguli walemidlalo, uBarnes ukuthi abakwa Just Build bazosiza ngisho nangokuya ethunjini ukuze izingane noma amaqembu angalambi.

“Umhlonishwa uNaseem Badat wakwa Just Build sibulethelwe uNkulunkulu futhi uyisibusiso esikhulu,” kusho uBarnes.

uBadat wakwa Just Build uthe kuyathokozisa ukusebenzisana nomuntu ofana noBarnes ohlale esebenzela umphakathi futhi eqoqa abantwana ngokubahlanganisa.

“Imidlalo efana nalena mihle kakhulu futhi isza ngoqoqa abantwana bangalokhu beba uvanzi ezitaladini.

“Abantu abafana noJerry Barnes badinga ukusekelwa ngayoyonke indlela.

“Libalulekile phela iqhaza alibambile emphakathini wakwa Ward 34 kanti futhi uyisisakhamuzi esinohlonze emphakathini walelidolobha,” kusho uBadat.

uBarnes uthi lemidlalo izobe imikhulu kakhulu ngalonyaka, kanti namaqembu afuna ukuzodlala ayanxuswa ukuthi athintane nagquqguzeli lingakashoni ilanga ngoba kuzogcwala.

“Amaqembu ayobe emaningi kulokhu kanti futhi nezinga lizobe linyukile kakhulu. Yingakho sithi nje abezayo abasho manje ukuze izindawo zabo ziphephe.”

Amaqembu afisa ukuza emidlalweni yakwa Just Build Annual Ward 34 Sports Day ePanorama ayacelwa ukuba athintane noBarnes enombolweni ethi : 083 521 9553 noma bathumele imiyalezo nemininingwane yabo ku: jerryb.barnes228@gmail.com

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.