Kuzoshintsha izinto kwi-Kaizer Chiefs

2018-06-27 06:01
U-Brilliant Khuzwayo obengunozinti we-Kaizer Chiefs kodwa osekhonjwe indlela wayojoyina i-Orlando Pirates.ISITHOMBE: INTERNET

U-Brilliant Khuzwayo obengunozinti we-Kaizer Chiefs kodwa osekhonjwe indlela wayojoyina i-Orlando Pirates.ISITHOMBE: INTERNET

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZININGI izinguquko noshintsho oluzonkwenzeka ekilabhini iKaizer Chiefs ngaphambi kokuqala kwesizini.

Lokhu kubonakale sekuqalile ngesonto eledlule ngesikhathi izikhulu zaMakhosi zikhomba indlela abadlali abangasadingeki noma abanga setshenziswanga emasizini edlule.

Ebadlalini abasanda kukhonjwa indlela kubalwa uTsepo Masilela, u-Emmanuel Letlotlo kanye no-Brilliant Khuzwayo nosejoyine iqembu le- iOrlando Pirates.

Kanti izembe ebeligawula libuye lawela nako-William Thwala nokade ebolekwe yi-Maritzburg United, u-Edmore Chirambandare, u-Keagan Buchanan kanye nomdlali wase muva uSibusiso Khumalo.

Kanti isikhulu esibhekene nokusayiniswa kwabadlali kwi-Chiefs uBobby Motaung ukuqinisekile ukuthi labadlali bakhululiwe ngoba abaqeqeshi bebengabasebenzisi nalokho okuchaza ukuthi abasadingeki.

UMotaung uthi labadlali bangabadlali ngempela nabanetalente kodwa okwaba buhlungu ukuthi nje ngesikhathi befika eKhosini bahluleka ukuhlala besefomini engaheha abaqeqeshi nokwakungenza basetshenziswe.

“Akuwona umqondo ophusile ukuqhubeka nokugodla abadlali abanethalente kodwa ube ungabasebenzisi. Ukuba nika ithuba lokuyozama inhlanhla kwamanye amaqembu kwi-PSL kuzobasiza kakhulu ngoba phela bangadlala yinoma kuliphi iqembu.

“Thina njenge qembu le-Kaizer Chiefs sibafisela inhlanhla ngekusasa labo.

“Mangisho futhi ngingananazi ukuthi labadlali basemgangathweni futhi-ke ngeke babe nenkinga ukudlalela noma yiliphi iqembu,” kusho uMotaung.

UMotaung ubuye wavuma ukuthi basabambe izingxoxo zokuthi baboleke u-Emmanuel Letlotlo elinye lamaqembu.

Lesikhulu siphinde sakuqinisa ukuthi iqembu alisalali lihlwaya umqeqeshi omusha nabadlali abambalwa abasha nokuzokwenzeka ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

“Khona akuwona umsebenzi olula. Sizokhumbula ukuthi kuleminyaka noma amasizini esiphuma kuwona bekungekuhle. Ubumnandi bebungekho ngoba phela sonke siyazi ukuthi abalandeli bathokoziswa ukuwina izindebe.

“Sifuna umqeqeshi nabadlali abasemgangathweni.

Khona akusekude siwuphothule lomsebenzi ngoba phela isizini entsha izoqala emasontweni amabili ezayo kanti kuyofanele ukuthi sibe sesiqedile ukuhlanganisa zonke izinto,” kusho uMotaung.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!

She may only have two legs, but that hasn’t stopped her from gaining thousands of adoring fans!

 

Paws

10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Just 10 cats hanging out in boxes - because they're awesome
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.