Kuzotholana phezulu izinkunzi zaseSoweto koweCarling Black Label

2016-08-03 06:00

ABADLALI abaningi be-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs bathi umqhudelwano we-Carling Black Label ubalulekile kakhulu ukutshengisa womabili amaqembu ukuthi aseyilungele yini isizini entsha.

Noma iningi labalandeli balamaqembu bake bezwakale bethi iVodacom Challenge endala yayingcono kuneCarling Black Label Cup ngoba yayiletha namakilabhu angaphandle kwaseMzansi futhi amaqembu ayeba mane.

IPirates neKaizer Chiefs bazobhekana ngaloMqgibelo eFNB Stadium.

Lomdlalo uthathwa njengobalulekile kakhulu futhi uma kuhlangene iBhakaBhaka neKhosi kuma yonke into futhi ukuthi indebe eyani akuchazi lutho ngoba abalandeli bafuna ukubona amaqembu enqobile. Okumnandi futhi ngalomqhudelwano ukuthi abalandeli baba negalelo ekukhetheni iqembu elizodlala.

Isethenjwa seBhakaBhaka esidlala emuva ngakwesokudla uHappy Jele uthe ngalempelasonto izinto zizoma nse eMzansi wonke.

UJele uthe kulukhuni ukuqagula ukuthi ngubani ozodla umhlanganiso kodwa naye akafuni ukuhlulwa yiKhosi. “Kuzoba umdlalo onzima. Thina siyawuthokozela lomqhudelwano ngoba usinika ithuba lokubona ukuthi sesiyilungele yini isizini ezayo,”kusho uJele.

Kulomqhudelwano iBhakaBhaka libukeka sengathi yilona elilandelwa yinhlanhla ngoba bakwazile ukuwina iminyaka emibili ilandelana, nokho-ke noma bagcine bewina sekushaywa amaphenathi. Kanti uKapteni weKhosi uSiphiwe Tshabalala uthe uma iqembu lakhe likwazile ukudla izitha zabo ngoMqgibelo kobe kuchaza lukhulu.

“Inkinga ukuthi akekho ofuna ukuhlulwa. Uma nje thina sikwazile ukunqanda iBhakaBhaka ngaphambi kokuqala kwesizini kuyochaza ukuthi umkhankaso wethu uzoba mnandi kulesizini,”kusho uTshabalala.

IKhosi kungenzeka likuthole kunzima ukushaya iPirates ngoba phela isiqeqeshwa uMuhsin Ertugral nowake waqeqesha eNaturena nowuqonda kahle umlando phakathi kwalamaqembu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.