Kwethulwe ikhalenda lemicimbi yaseMsunduzi

2018-12-19 06:00
ISITHOMBE lethiwe makhanyaKungesikhathi kwethulwa ikhalenda lemicimbi.

ISITHOMBE lethiwe makhanyaKungesikhathi kwethulwa ikhalenda lemicimbi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMASIPALA uMsunduzi ngokuhlanganyela nezokuvakasha zaseMsunduzi bahlanganise ikhalenda elinemicinbi kanye nazo zonke izinto zokuzijabulisa ezizobe zikhona ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi kumasipala uMsunduzi.

Leli khalenda elibizwa ngokuthi i-Capital festive Drive lethulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu olwedlule mhla ziyi-5 kuZibandlela (December) e-Tourism Hub.

Lelikhalenda elizotholakala khona e-Tourism Hub liqukethe zonke izinhlelo zokuzijabulisa ezizobe zikhona ezindaweni ezingaphansi kwalokasipala.

IMeya yomasipala Khansela Themba Njilo uthe lena ngenye yezindlela yokwenza isiqiniseko sokuthi amalunga omphakathi waseMsunduzi ayazi ngezinto ezenzekayo kumasipala wabo angagcini esephumela ngaphandle efuna ukuyokwethamela imicimbi yakhona bebe beshiya eyabo eMsunduzi .

“Lena ngenye futhi yezindlela yokugqugquzela bahleli bemcimbi ukuthi bahlanganise imcimbi ndawonye njengoba sikholelwa ekutheni imcimbi emningi ayinvintisani kodwa kunaloko iyahambisana.

Sikulungele ukuthi sibe indawo ezokwengamela lemcimbi ngoba ngisho izinga lokuhlanzeka sizolikhuphula.

Sizokwengeza abantu abahlanza idolobha ukuba babe khona kuwona wonke amakhona omgwaqo ukwenza isiqiniseko sokuthi idolobha lethu lihlanzekile ukuze lizoheha izivakashi,” kubeka yena

UNkk Gugu Ngubane noyimenenja yezokuvakasha kumasipala uMsunduzi uthe :” Sifuna ukukhuthaza abantu ukuba beze bazokhangisa ngamabhizinisi abo. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi bayathola loku kugqama okanye ukwaziwa abakudingayo baphinde bazuze ngalesi sikhathi samaholidi kakhisimusi.

Sinxusa bonke abantu ukuba baphume ngobuningi babo ukuzokweseka amabhizinisi asekhaya kuphinde kukhuliswe nomnotho wedolobha lethu,” kubeka yena.

UMnuz Mthuthu Skhakhane nobephuma kwezamaphoyisa omgwaqo eMsunduzi uthe njengoba kuzoba khona imibhiyozo kulamaholidi kakhisimusi into abayifisayo noma ukuba umphakathi ujabule uzibheke.

“Uma ngabe sekufika isikhathi sikaMasingana (January) sekumenyezelwa isibalo sabantu abashonile asifuni ukuthi kube khona ngisho umuntu oyedwa waseMsunduzi kuleso sibalo.

Noma ngabe kwenzakalani noma kuphi sizoba sikhona siqaphile.

Uma kungukuthi usuyezwa ukuthi sekudleke kakhulu ungasabi ukushayela itekisi ize izokulanda ushiye imoto.

Nijabule kodwa nibe nazi ukuthi umthetho ukhona futhi uyasebenza,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.