Kwethulwe inhlangano yezintombi nto

2019-10-02 06:02
ISITHOMBE : THAMSANQA BANDAIzintombi ebezihlanganyele ndawonye kuzokwethulwa inhlangano yezintombi.

ISITHOMBE : THAMSANQA BANDAIzintombi ebezihlanganyele ndawonye kuzokwethulwa inhlangano yezintombi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BEKUYINJABULO yodwa esikhungweni semfundo ephakeme i-Durban University of Technology Indumiso Campus eMbali Unit 1, ngesikhathi kwethulwa inhlangano yezintombi nto ebizwa ngokuthi Izimbali ze-DUT Virgin Society.

Le nhlangano yethulwe ngokusemthethweni ngempelasonto kusukela ngoLwesihlanu kanye noMgqibelo.

Ngokusho komsunguli wayo uNks Wandile Khumalo uthe ngoLwesihlanu baqale baqoqana bodwa beyizin tombi ezahlukahlukene eziphuma eNyuvesi yaKwaZulu-Natal kanye naseMangosuthu.

Uthe inhloso enkulu yalokhu bekungukuthi bafundisane ngezinto ezahlukene okubalwa kuzona ukuzithanda kanye nokuziphatha njengamantombazane asakhula.

UNks Khumalo uthe ujabulile kakhulu ngokwesekwa abakutholile ngesikhathi bethula le nhlangano.

Ekhuluma ne-Echo uthe inhloso enkulu yale nhlangano ukuthi ihlanganise izintombi nto ndawonye lapho ezizokwazi ukuthi zikhulume nangezinkinga ezibhekene nazo zasenyuvesi.

“Leli kuzoba ithuba elihle lokuthi singamantombazane asezingeni elilodwa sikwazi ukuxoxa ngezinto ezisithintayo. Kuzophinde kwenze izinto zibelula uma ngabe kumele izinto ezifana nokuya eMkhosini woMhlanga ngoba ngeke kusaphoqeleka ukuthi sibuyele emakhaya ngaphambi kokuba sikwazi ukuthi siye khona.

“Enye inhloso yale nhlangano ukuzama ukuqoqa intsha eseyizintombi nto ukuze izokhula ikwazi ukuziphatha.Akusikona ukuthi sifuna ukuzigqamisa ngoba siyizintombi nto kodwa sifuna ukufundisana sikhulisane nathi sisodwa.

“Uma ngabe ususenyuvesi uthola kakhulu inkululeko yokuziphatha ngoba usuke ungasekho ekhaya eduze kwabazali nezihlobo abazokugada. Le nhlangano izosihlanganisa sonke sibe ngumndeni owodwa sigadane siholelane endleleni eqondile,”kubeka yena

Uthe ukukhulela endaweni yasemakhaya yaKwaMhlabuyalingana ikona futhi okumkhuthazile ukuthi afune ukusungula le nhlangano.

Zingaphezu kwekhulu izintombi ebezihlanganyele kule nyuvesi ukuzobungaza ukwethulwa kwale nhlangano.

“Isifiso sami ukuthi ngiyibone le nhlangano ikhula iya phambili ikwazi ukusiza iphinde igqugquzele ezinye izintombi ukuthi ziziphathe kahle. Ngisho kungabe thina asisekho enyuvesi sifuna ukuthi baqhubeke nayo ukuze izosiza ezinye izintombi eziza ngemuva kwethu. Okungijabulisa kakhulu nje ukuthi le nhlangano yethulwe ngokusemthethweni ngenyanga yamagugu kanye namasiko nokuyinto thina esiziqhenya kakhulu ngayo,” kubeka yena.

UNks Khumalo uthe bayafisa ukuthi ngonyaka ozayo nabo babe nozime wesintu owaziwa ngokuthi “Ukushikila” nalapho bezohlangana khona nezinye izintombi babungaze.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.