Kwethulwe isiteshi samaphoyisa esisha

2019-07-31 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isiteshi esingumahamba nendlwane eSweetwaTers ngoLwesihlanu olwedlule.

ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isiteshi esingumahamba nendlwane eSweetwaTers ngoLwesihlanu olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yaseSweetwaters unikezelwe ngesiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwane nokuhloswe ngazo ukuzama ukwehlisa izinga lobugebengu kulendawo kuphinde kusizwe umphakathi ukuthi ungahambi ibanga elide uma ngabe ufuna ukuye esiteshini samaphoyisa.

Lesi siteshi sethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-19 kuNtulikazi (July) khona eSweetwaters.

Umcimbi wokwethulwa kwalesi siteshi uqale ngemashi elwisana nobugebengu kulendawo.

Indawo yase-Sweetwaters ingenye yezindawo ebezisebenzisa isiteshi samaphoyisa iPlessislaer uma ngabe befisa ukubika amacala okanye noma yini ethintene namaphoyisa.

Lomahamba nendlwane wesiteshi samaphoyisa uyimoto ezofika njalo ekuseni bese iyahamba ntambama kanti izosiza izindawo ezifana noNxamalala, Mpumuza kanye nenzinye eziseduze.

Umphathi wamaphoyisa eMgungungundlovu South Cluster u-Major-General Phumelele Makhoba uthe ukulethwa kwalomahamba nendlwane kule ndawo kulandela izikhalazo zomphakathi ezavela ngesikhathi kwakunembizo eyayibizwe uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele. Uthe kule mbizo abantu abaningi bakhala ngokungabikhona kweziteshi ezincane ezindaweni lapho behlala khona nokube sekubaphoqa ukuba bahambe amabanga amade ukuba bayofika ePlessislaer.

“Njengoba siletha lomahamba nendlwane ungenye yezixazululo zesikhashana zokuthi abantu bangahlupheki uma ngabe befuna ukubika amacala kanye nobugebengu.

“Umsebenzi wawo kuzoba ukwenza izinto ezincane ezifana nokugxivizwa, ukwenza izincwadi ezifungelwe kanye nokuvulwa kwamacala kodwa uphenyo luzokwenziwa esiteshini esikhulu iPlessislaer. Siyazi ukuthi loku ngeke kuzixazulule zonke izinkinga zethu kodwa kusayisiqalo lesi,” kubeka yena.

U-General Makhoba uveze ukuthi iPlessislaer ingesinye seziteshi ezinamacala okubulala amaningi nalapho kusuke kubulawa khona abantu abayizigebengu.

Uthe loku kungavimbeka uma ngabe umphakathi ungasebenzisana nomphakathi. Ubugebengu abunabo imingcele buyangena noma ilaphi. Ingako kufanele sibambisane ukuze ubugebengu bungabi nayo indawo. Ezindaweni lapho umphakathi ubambisene khona ubugebengu buyahlehla. Izigebengu nazo ziyabonga ukuthi akungeneki.Kusezandleni zomphakathi ukuthi kuliwe nobugebengu.”

Uqhube wathi into eyandisa ubugebengu emiphakathini izidakamizwa ikakhulukazi i-whoonga.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uthe babonga kakhulu kuMnyango wezokuPhepha koMphakathi kanye namaphoyisa ngokubalethela lomahamba nendlwane.

Uthe uyafisa ukuthi umsebenzi walomahamba nendlwane uhambe kahle wabe esenxusa nabantu ukuba bawuhloniphe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.