Kwethulwe olokufundisa i-IT kwabakhubazekile

2018-11-28 06:01
Abanye babafundi abahlomulile kulolu hlelo.ISITHOMBE: Sithunyelwe

Abanye babafundi abahlomulile kulolu hlelo.ISITHOMBE: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKOLISHI elifundisa ngezobuchwepheshe kumaKhompyutha ngokuhlanganyela nenhlangano engenzi nzuzo iThemba Njilo Foundation bethule ngokusemthethweni uhlelo lokufundisa abantu abakhubazekile ikhompyutha.

Lolu hlelo lwethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-16 kuLwezi(November) emahhovisi eThemba Njilo Foundation kanti lungaphansi kwe kolishi i-Dynamic Youth Development Services (DYDS) kanti isebenzisane ngokuhlanganyela neThemba Njilo Foundation.

Inhloso yalolu hlelo ukuthuthukisa abantu abaphila nokukhubazeka kwezemakhompuyutha.

Ngokusho kuNkk Princess Mabaso nophuma kwa-DYDS uthe lolu hlelo lokufundisa abantu abakhubazekile bahhala baxhaswe kulona i-National Skills funds kanti kunabafundi abangama-30 abazohlumula kulona.

“Uhlelo luqale ngenyanga kaMfumfu (October).Abafundi bazofunda izinyanga ezili-12 kanti kulezo zinyaka eziyisithupha zisobe sibahambisa ngaphandle ezindaweni zokusebenza ukuze bezothola izipiliyoni. Inhloso enkulu ngalolu hlelo ukuthi sifuna ukusiza siphinde sithuthukise abantu abaphila nokukhubazeka ukuthi bangagcini nje behleli emkhaya ingekho into abayenzayo.

“Sifuna ukuthi ngisho bephuma lana beqeda bakwazi ukuthi nabo baqasheke. Nama-laptop lawa abawasebenzisayo awekhethelo akhelwe bona ukuthi bakwazi ukuwasebenzisa bazohamba nawo uma ngabe sebeqedile ukufunda kulolu hlelo bazokwazi ukuqasheka nabo,” kubeka yena.

Uthe ngesikhathi betomula abantu abazosizakala kulolu hlelo basebenzisane kakhulu namakhansela kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo ezisebenza nabantu abaphila nokukhubazeka ngoba bebefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu abahlomulayo kulolu hlelo ingoba kufanele ngempela ukuba bahlomule.

Imeya yomasipala uMsunduzi nophinde abe ngumsunguli weThemba Njilo Foundation uthe bajabule kakhulu ngokuthi sekunohlelo olufana nalolu lokusiza abantu abaphila nokukhubazeka.

Uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi lolu hlelo lusungulwe ngabantu abasha.

“Siyalujabulele kanti futhi silishayela ihlombe lolu hlelo.

Lolu uhlelo oluhle kakhulu lokukhulisa luphinde lufindise abantu abaphila nokukhubazeka ngezifundo zekhompuytha. Njengohulumeni silushayela ihlombe uhlelo olufana nalolu njengoba singeke sikwazi ukwenza zonke izinto futhi sikwazi ukufinyelela kubona bonke abantu.Ngenxa yaloluxhaso mali abaluthole kwi-skills funds kazwelonke lentsha ikwazile ukuthi ikwazi ilwenze lube impumelelo,” kubeka yena.

Laba bafundi bazosebenzisa indawo ye-Themba Njilo Foundation njengesikhungo sabo sokufundela kuze kuba bayaphothula.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.