Lawa ngamasotsha e-Comrades Marathon

2018-06-13 06:02

KUJWAYELEKILE ukuthi amehlo ezwe lonke nawomhlaba athi njo kubagijimi abasemgangathweni, abadumile nabaziwa ukuthi bangawudla umhlanganiso, kodwa kulomjaho wangalonyaka kunamadoda azoheha amehlo ngezenzo zabo zobuqhawe.

Labasubathi abayisithipha bazobe beholwa uDave Chamberlain kwi-Comrades Marathon ezoba ngeSonto.

Lezingwazi zenze into ebukeka sengathi yiphupho noma umlingo ngoba bazogijima lomjaho waminaka yonke emva kokugijima ibanga eliwu 1 800 km nokubathathe izinsuku ezingamashumi amabili besuka eKapa lodumo.

Lokhu kubukeka kuwuhubhu lukabhejane noma umlingo omkhulu, kodwa kwenzekile. Kanti lamadoda ango Morgan Cardiff, Alex Tucker, Mike Sewell, Koot Steenkamp kanye noCarla Molinaro.

Lomkhankaso noma leliqhinga lokugijima kanje kwaqalwa uMnumzane Chamberlain othi naye lomoya wamngena emva kokubona nokugijima umjaho odume ngo Unogwaja Challenge, nalapho abashovi bamabhayisikili beshova izinsuku eziyishumi nanye (11) besuka eKapa beze bezoqeda ngokugijima iComrades Marathon.

Lendoda yona yaqala lomkhankaso noma owakhe umjaho nawubiza ngo Ufudu ngoba phela wakhipha amabhayisikili wathi akugijinywe ngezinyawo.

Okuke kubonakale ukuthi lamadoda awagijimeli ukuwina noma ukujaha isikhathi uma esuka eKapa ngoba ake ebonakale eshaya ngonyawu lwonwabu, etshethe namatende, isikhwama ekulalwa ngaso kanye nokunye abazokudinga endleleni.

Lomsunguli woFudu Chamberlain Chamberlain ndini lo, ngonyaka ka2012.

Wagijima amakhilomitha awu 2 300 km kwamanye amazwe awugwadule eSouthern Africa nalapho amazinga okushisa ayewu 47°C, nalapho ayeyedwa khona futhi esenbenzisa ibalazwe ayeliphethe liyiphepha ukuze athole amanzi ukuthi alaphi kulogwadule.

Udokotela ohlonishwayo nongungoti emithini yezemidlalo uDr Shuaib Manjra uthi umkhankaso noma iqhinga lalabasubathi lingenzeka futhi libasebenzele.

“Ucwaningo luyakhomba ukuthi ukugijima ibanga elingaka kungenzeka futhi-ke nomzimba womuntu ungakumela. Into nje ebalulekile nekufanele ungananazi ngayo, ukuzilolonga ngempela kulelibanga elide kangaka.

Kanti nokudla okudlalo neziphuzo zibalulekile, nokuthi nje uma uqeda ukugijima ngosuku uthi ukuhlolwa noma utotshototshozwe izazi zezicubu zomzimba ukuze wehliza izinga lobuhlungu.”

Uma kukhona abafundi noma abalandeli abafuna ukuzibonela noma ukufunda ngaladoda angakwenza lokhu ku facebook.com/longroadtocomrades/.

Kanti umjaho walonyaka uzoqala ePietermaritzburg uze uyophelela eThekwini eMoses Mabhida Stadium.

Lezingwazi zenze into ebukeka sengathi yiphupho ... ngoba bazogijima lomjaho emva kokugijima ibanga eliwu 1 800 km ...

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.