Lidedelwe ngebheyili iphoyisa

2018-09-26 06:01

LIDEDELWE ngebheyili yemali engu-R5 000 iphoyisa laseMafakatini elisolwa ngokudubula libulale uMnu Siyanda Mshengu (20) ngenyanga eyedlule.

UConstable Sphesihle Zulu (28), nosebenza esiteshini samaphoyisa eBoston, ubevele eNkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko mhla zili-17 kuMandulo (September) nalapho kade emelwe khona uMnu Phumlani Fakude weFakude Attonerys.

Ibheyili kamsolwa ihamba nemibandela yokuthi angalubhadi endaweni yaseMafakatini kodwa ahambe ayohlala endaweni yase-Greytown kuze kube liyaphothulwa icala, angagxambukeli kofakazi boMbuso, angaceli abamangali ukuthi basule icala okanye azame ukubenza ukuba bangafakazi ecaleni bephikisana naye. Uphinde wayalelwa ukuba azise umphenyi wecala ngekheli lakhe elisha lasemsebenzini.

Umsolwa kusolwa ukuthi wadubula uMnu Mshengu ngemuva kwengxabano.

UMnu Mshengu kuthiwa wayephuma endaweni yokuzijabulisa ngesikhathi ecela ukugitsheliswa emotweni eyayihamba umsolwa, owayehleli eduze kukamshayeli.

Kuthiwa ngemuva kwaloku umsolwa wabe esehla eyokhuluma nomufi kanye nomngane wakhe ngaphandle kwemoto nokwadlula isikhashana esincane kwabe sekuzwakala sekuqhuma inganono.

Umsolwa wabe esebuyela emotweni watshela umshayeli ukuba usedubule umuntu ngephutha ucela ukuba amuhambise emaphoyiseni nokwagcina ngokuthi azinikele yena umsolwa, wabe eseboshwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.