Lifuna ukukhula iqembu legqomu

2019-03-27 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweAmanye amalunga eqembu i-Hectic Fam.

ISITHOMBE: sithunyelweAmanye amalunga eqembu i-Hectic Fam.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU lomculo wegqomu i-HecticFam lithi lifuna ukukhula endimeni yezomculo ukuze lizokwazi ukuthi liphakamise idolobha lase­Mgungundlovu nokuyilapho bedabuka khona.

Leli qembu elinamalunga ayisishiyagalombili (abafana abahlanu namantombazane amathathu) lizokhipha i-album, yalo yokuqala ngqa esihloko esithi Kill the Vibe nezophuma ekupheleni kwenyanga kaMbasa (April).

Amalunga aleli qembu uSphesihle Khwela, Sabelo Ndiyashe, Luthando Mchunu, Phumlani Mbambi, Sphesihle Ngcobo, Dumisani Sabela, Asanda Masondo kanye no-Asanda Mkhize. Abesilisa badabuka e-Ashdown kantI abesifazane bona badabuka eMbali Phase 4.

Kule-album yabo entsha kukhona nengoma esihloko sithi Pho Kunani nalapho becula khona no-Dason nowaduma kakhulu kwingoma ebeyishisa izikhona esihloko esithi Eyadini lapho ecula khona noMaqongqo.

Elinye ilunga laleli qembu uLuthando Mchunu uthe bajabule kakhulu ukuthi nabo ekugcineni sebezokwazi ukuthi babe ne-album yabo enezingoma zabo.

“Okusijabulisa kakhulu ukuthi sithe siqala ukukhipha i-album sakwazi ukuthi sicule nomuntu osedumile noseyazi kakhulu indima yezomculo.

Sikujabulelile kakhulu ukusebenza naye kanti futhi siyathemba ukuthi umculo wethu abantu bazowuthokozela ngesikhathi sekuphume le-album,” kubeka yena.

Uqhube wathi njengoba sebezokhipha i-album yabo yokuqala isifiso sabo ukuthi ingagcini nje eMgungundlovu kuphela kodwa bafuna ukukhula emculweni nabo bagcine sebaziwa izwe lonke.

“Enye into esifuna ukuyenza ukukhuthaza intsha ukuthi yazi ukuthi ayikho into engenzeki uma ngabe uzimisele ngaleyonto ihleli izokwenzeka akumele ulahlele ithawula.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.