Lihoxisiwe elibhekene nonogada waseMsunduzi

2018-10-24 06:00

LIHOXISIWE icala lokubulala ebelibekwe unogada kaSomlomo wakumasipala uMsunduzi uNkk Jabu Ngubo ngemuva kokuba umbuso uveze ukuthi awunabo ubufakazi obanele obubhekene nalowo okade engumsolwa uMnu Jabulani Mngoma.

Leli cala lihoxiswe ngoLwesine olwedlule mhla zili-11 kuMfumfu (October) enkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu yize umsolwa kade engekho enkantolo esesibhedlela.

UMnu Mngoma ubesolwa ngokudubula abulale lowo uMnu Nathi Hlongwa owayenguSihlalo wegantsha kwinhlangano i-African National Congress.

UMnu Hlongwa wadutshulwa wabulawa ngentulwane yezinhlamvu ngonyaka wezi-2016 endaweni yaseMbali kanti seloku kwenzeka lesi sigameko bekungakaze kuboshwe muntu.

Lowo omele umbuso uNkk Patti Davids uveze ukuthi abukho ubufakazi obubambekayo obukhomba ukuthi umsolwa uyathinteka kuleli cala. UMnu Mngoma ubengaphandle ngesexwayiso ngemuva kokuba aboshwa mhla zi-5 kuMfumfu (October).

Umphenyi waleli cala u-Sergeant Sindisiwe Khumalo nokwithimba lokuphenya amacala okubulala kosopolitiki waveza ukuthi ubufakazi obuyamanisa umsolwa naleli cala ilobo obuthi ababutshelwe ufakazi wombuso nothi naye waxoxelwa omunye othi waxoxelwa umsolwa ukuthi uyena owabulala uMnu Hlongwa abukho obunye.

Wathi ibona obaholela ekutheni baze begcine bethathe isinqumo sokuthi kuvalelwe uMnu Mngoma.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.