Liphokophele phambili iqembu labesifazane e-Ashdown

2018-03-07 06:02
ISITHOMBE: suthunyelweIqembu lebhola lezinyawo labesifazane lase-Ashdown.

ISITHOMBE: suthunyelweIqembu lebhola lezinyawo labesifazane lase-Ashdown.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMQEQESHI weqembu lebhola lezinyawo labesifazane e-Ashdown uthi uzimisele ngokuthi iqembu lakhe ligcine selidlala ezingeni lesizwe.

UMnz Londa Mnikathi nongumqeqeshi we-Ashdown Sport Academy uthe wasungula leli qembu ngonyaka wezi-2014 ngenhloso yokuqoqa intsha yakule ndawo ukuze ingabi wuvanzi.

Leli qembu lino-U12 no-U17. “Ziningi izinto ezimbi ezazenzeka kule ndawo ikakhulukazi kubantu besifazane abanye sebeqala nokuzinikela ophuzweni oludakayo nakwizidakamizwa ezingekho emthethweni.

Ngabona kungcono ukuthi ngiqale leli qembu ukuze bekwazi into abayithandayo. Ngiyalibona isasasa abadlali bami bazimisele kanti nalo iqembu ngokwalo liyakhula kungijabulisa kakhulu lokho,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi kunabanye abadlali abane abaqokwe ukuba badlalele i-Sunflower Ladies Football Club yase-Hammersdale nedlala ezingeni lesizwe. Uthe abadlali ababili kulaba abane baneminyaka eyi-12 ubudala.

“Lokhu kukhombisa ukuthi umsebenzi uyenzeka. Liningi ithalente lebhola lezinyawo kule ndawo ukuthi nje sidinga ukwesekwa.

Umqeqeshi we-Sunflower Ladies Football Club uthembise uzofika njalo ekupheleni kwenyanga azokweluleka abadlali bami aphinde abaphe nolunye ulwazi olunzulu.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.