Livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokubulala

2018-09-19 06:00

LIVELE enkantolo

kaMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesibili mhla zili-11 kuMandulo (September) iphoyisa laseMafakatini elisolwa ngokubulala.

UConstable Sphelele Zulu ubhekene necala lokubulala uMnu Siyanda Mshengu endaweni yaseMafakatini emasontweni amabili edlule.

Umsolwa bekulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili kodwa icala lakhe lahlehliselwa uLwesine (namhlanje) mhla zili-13 kuMandulo (September) ukuze kunikezwe ithuba ummeli wakhe uMnuz Phumlani Fakude we-Fakude Attorney ithuba lokuphendula incwadi efungelwe efakwe umphenyi wecala nalapho ephikisa khona ukuba umsolwa adedelwe ngebheyili.

Kule ncwadi efungelwe umphenyi wecala uveze ukuthi uma kungukuthi umsolwa uyadedelwa ngebheyili angeke kuze kuqinisekiswe ukuphepha kofakazi kanti umsolwa unelinye icala lokulahleka kwesibhamu angazange asibike ukuthi silahlekile.

Umsolwa nobesebenza esiteshini samaphoyisa i-Boston kusolwa ukuthi wayehamba nomngane wakhe ngosuku lwesigameko.

Kuthiwa umufi wayehamba nomngane wakhe naye base beza emotweni nokuthiwa umsolwa wayehleli eduze komshayeli kuyona.

Umufi kuthiwa bacela ukugitsheliswa.

Umsolwa kuthiwa wabe esephuma eyokhuluma nomufi nomngane wakhe kwabe sekuqhuma inganono.

Ngemuva kwaloko wabe esebuyela eotweni watshela umshayeli ukuthi usedubule umuntu ngephutha wabe esezinikela emaphoyiseni.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.