LUSUKA EKHASINI LESI-3

2019-07-31 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kuvalwe isikole iHlelingomuso Primary ngoMsombuluko.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kuvalwe isikole iHlelingomuso Primary ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMISIWE uthishanhloko wasesikoleni samabanga aphansi iHlelingomuso eMbali Unit 15.

UMnu Mzomuhle Mjwara umiswe ngoMsombuluko ngemuva kokuba abazali bezingane abafunda kulesi sikole bevuke umbhejazane bavala amasango esikole ngiba bethi bafuna izimpendulo ngezimali zesikole ezikhokhwa abafundi. Baphinde bakhale ngokuthi kunezifundo ezimbili i-life skills kanye ne-natural sciences ezingafundwa kodwa uthishanhloko uzifakela amamaki zingazange zifundiswe lutho.

Izindaba zokumiswa kwakhe zidalulwe umhloli uMnu Mncwabe nobekade ekhona kulesi sikole ngoMsombuluko ukuzozama ukudambisa isimo.

UMnu Mncwabe uveze ukuthi uMnu Mjwara uvele uyaphenywa umnyango wezemfundo.

Nakuba engazange akudalule ukuthi kungani uMnu Mjwara ephenywa, uMnu Mncwabe uthe lokhu kumayelana nezinkinga ezikhona ngaphakathi esikoleni.

Kuphazamisekile ukufunda kulesi sikole ngoMsombuluko njengoba babuyiselwe emuva kanti othisha nabo bebevaleleke ngaphandle.

I-Echo ithole ngomthombo wayo othembekile kuthiwa umsindo usuke ngoMgqibelo ngesikhathi uMnu Mjwara engafiki emhlanganweni wabazali obowubizwe isigungu esimele abazali (School Governing Body).

Inhloso yalo mhlangano kuthiwa bekungukuthi uthsihanhloko azoziphendulela ukuthi kungani abazali bekhokhiswa imali yesikole ekubeni isikole sesiphasiswe njengesikole ekungamele ukuba izingane zikhokhiswe kusoa imali yesikole.

Ngokusho komunye womzali obekhona emhlanganweni uthe uthishomkhulu akazange afike kanti abaze bathola kamuva ukuthi ngoLwesihlanu wabhala izincwadi wathi umhlangano awusekho ngaphandle kokwazisa isigungu esimele abazali.

“Into ebesiyifuna thina ukuthi azoziphendulela nje kuphela. Besingazi nanokuthi isikole akusakhokhwa kusona. Szie sathola kamuva nje ngoba naku isigungu esimele abazali sesihambe sayobuza emahhovisini omnyango ukuthi kungabe kuhamba kanjani ngesicelo sokuthi kulesi sikole kufundwe mahhala.

“Bafike batshelwa ukuthi isikole saphasiswa ngenyanga kaMbasa (April) kodwa loko thina besingakwazi kanti nesigungu esimele abazali bebengakwazi. Kunabazali la abebekhokha imali yesikole ngoNhlaba (May) kanye nangoNhlangulana (June) leyomali futhi ibithathwa esikoleni. Sifuna ukwazi ukuthi leyomali iyaphi ngoba phela akusakhokhwa esikoleni,” kubeka yena.

Abazali abebevutha bhe bathe bafuna ukwazi ukuthi kungani ekhokhisa izingane imali yesikole engu-R160 umfundi ngamunye ekubeni isikole sesiphasiswe njengesikole esingayikhokhisi imali yesikole uMnyango wezeMfundo.

Abanye bazali abakhulume ne-Echo baveze ukuthi lomhlangano wokuzama ukuxazulula izinkinga kulesi sikole bekungasikona okokuqala wenzeka njengoba esikhathini esingangenyanga eyedlule kwabanjwa omunye umhlangano kodwa wangaba impumelelo njengoba kungaphunywanga nezixazululo.

Bathe indaba yokukhokhiswa kwabafundi iyona ebacasula kakhulu ngoba bayisebenzela kanzima imali yokuthi bakhokhele izingane kanti abanye babo abasebenzi qobo.

“Ukube isigungu esimele abazali asikaze siye ukuyobuza ukuthi emahhovisi omnyango wezemfundo ziyobuza ukuthi kuhamba kanjani ngesicelo sabo sokuthi isikole singakhokhisi imali. Bafike batshelwa ukuthi leso sicelo kade saphasiswa incwadi yathunyelwa esikoleni kodwa uthsihsanhloko akazange ayiveze leyoncwadi.

“Incwadi leyo kuthiwa yaphasiswa ngenhanga kaNdasa (April) kodwa kukjona abazali abakhokha ngemuva kwaloko imali yathathwa esikoleni. Sifuna ukwazi ukuthi leyomali ishonaphi nokuthi kungani singaziswanga singabazali. Singathele ilothishomkhulu ozenzela umathanda lapha esikoleni. Akukakapheli ngisho iminyaka emithathu efikile kulesi sikole kodwa usezenzela umathanda. Uqhosha ngokuthi yena angeke aze ezwe abazali isikole esakhe, “ kusho omunye wabazali.

Laba bazali bathe abasafuni kuzwa lutho kodwa sebefuna ukuthi kufike ungqongqoshe wezemfundo uMnu Kwazi Mshengu kube nguyena ozofika azoxoxisana nabo mayelana nalezi zinkinga ababhekene nazo. Basabise ngokuthi uma kungukuthi uMnu Mshengu.

USihlalo wesigungu esimele abazali uMnu Mabhungu Mkhize ukuqinisekisile ukuthi vele zikhona izinkinga kulesi sikole okubalwa kuzona ukungabikhona kothisha kodw aabafundi banikezwa amamaki okungaziwa ukuthi avelaphi.

Uthe lezi zinkinga bayizibika emnyangweni wezemfundo kodwa akukho okwenzekayo.

“Enye into njalo uma sithi sikhuluma udaba lwezimali zesikole uthishomkhulu uvele asitshele ukuthi angeke ezwe ngathi uyena umphathi. Ukhokhisa izingane imali yesikole ekubeni azi kahle ukuthi akumele engabe ziyakhokha. Lezi zingane ezifunda kulesi sikole ziphuma emphakathi ehluphekile vele kodwa futhi uthatha izimali zabo.

“Lo thishomkhulu uyazenzela nje yonke into la esikoleni wenza umathanda bese athi yena ngeke aze atshelwe abazali ufundile uneziqu zakhe. Thina besingazi nanokuthi uyaphenywa siyakuqala namhlanje. Sagcina nje kwakunomhlangano wokuzama ukuxazulula izinkinga ngenyanga kaNdasa (March) nalapho abahloli baveza khona ukuthi uhlulekile ukuphatha isikole kodwa bangasho ukuthi uyaphenywa,” kubeka yena.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnu Muzi Mahalmbi ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nemiqhafazo athunyelelwe yona akayiphendulanga.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.