Luyaqhubeka uhlelo lokwakhiwa kwezindlu KwaPata

2018-06-06 06:00

KUGCINE kufikwe esivumelwaneni sokuthi luqhubeke uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zemixhaso endaweni yaKwaPata emva kwezinxushunxushu ezibe khona ezinyangeni ezedlule.

Lokhu kuvele emhlanganweni ngeSonto mhla zingama-27 kuNhlaba (May), phakathi kwamalungu omphakathi azohlomula ngalezi zindlu, uMasipala uMsunduzi, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nenkampani eyakha lezi zindlu i-Fair Field.

Le nkampani ibisi nezinyanga ezine ingasebenzi njengoba yagcina ukusebenza ngenyanga kaMasingana (January).

Ukungasebenzi kwayo kudale izinkinga njengoba kwagcina ngokuthi kushaywe ikhansela lakulendawo uMnuz Nkosinathi Gambu kubangwa kona ukuma kwalolu hlelo.

I-Echo yangomhla ka-22 kuNdasa (March) yabika ngodaba lo mhlangano lapho kwashaywa khona ikhansela ngetshe emhlanganweni okwakuhloswe ngawo ukuba kudingidwe izinkinga ezibhekene nohlelo lokwakhiwa kwalezi zindlu.

Ikhansela lakule ndawo uMnuz Gambu ukuqinisekisile ukuthi kugcine kuvunyelwene ngokuthi uhlelo lokwakhiwa kwezindlu luzoqhubeka, kodwa wangaphumela obala ukuthi yiziphi izinkinga ebezibambile.

Uthe ukwakhiwa kwalezi zindlu bekumele kuqale ngoMsombuluko mhla zingama-28 kuNhlaba (May) njengo kwesivumelwano.

“Sibize umhlangano ngoba sifuna ukuzocacisela abantu ngalolu hlelo ukuthi ubani olwengamele. Kugcine kufikwe esivumelwaneni sokuthi aluqhubeke ukuze abantu bezohlomula kube nentuthuko kulendawo ngoba vele iyona into esiyifunayo. Siyakujabulela kakhulu ukuthi lolu hlelo seluzoqhubeka sasingafuni vele nasekuqaleni ukuthi kube khona into ezoluphazamisa kodwa kwaba khona-ke izinkinga ezincane.

“Kuzo hlomula abantu abangu-420 kulolu hlelo kodwa siphoxekile ukuthi iningi labo alizanga emhlanganweni ekubeni bebazi ukuthi basohlwini lwabantu abazohlomula. Abantu abafikile emhlanganweni bebengadlulile ngisho ku-150 asazi ukuthi bonke laba abanye bebeyephi ngoba kumele bayihambele le mihlangano ukuze bezokwazi ukuthi kwenzakalani ,” kubeka yena.

Amalungu alo mphakathi athi ajabulile kakhulu ukuthi sebezothola izindlu zabo ekade bazilinda.

“Bekusiphethe kabi ukuhamba kwenkontilaki eyakha izindlu ngoba besingazi noma isazobuya yini.Siyajabula kakhulu nathi ukubona intuthuko yenzeka endaweni yakithi. Kuzosizakala abantu abaningi ngalezi zindlu ikakhulukazi labo abazidinga ngempela,” kubeka elinye ilungu lomphakathi elingazidalulanga igama.

UMnuz Mandla Ngcobo uthe:

“Kuyasijabulisa singumphakathi ukuthi kube khona inqubekela phambili kwezentuthuko kulendawo. Siyathemba ukuthi akukho okuzovimba uhlelo. Luzoqhubeka luze luyophela,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.