Luyaqhubeka uhlelo lwezindlu

2017-10-18 06:02

EMASONTWENI adlule leliphephandaba lishicilele imibiko eyahlukahlukene mayelana namalungu omphakathi wakwaZayeka eSweetwaters anezikhalo ngohlelo lokwakhiwa kwezindlu kulendawo.

UNkk Makhosazane Ngcobo uthe umndeni wakhe usulinde iminyaka emibili ukuthi kuqedwe ngokwakhiwa kwendlu yomxhaso yalomndeni.

Omunye umndeni obikele leliphephandaba ukuthi usulinde isikhathi esifanayo owakwa- Bhengu.

UNksz Thulisile Goge uthe sekuphele iminyaka ecishe ibemibili afaka isicelo sokwakhelwa indlu kodwa namanje ayikakhiwa.

Umndeni wakwaMngadi nawo ukhala ngokuthi sekuphele iminyaka wafaka isicelo sokwakhelwa indlu kodwa namanje isicelo sabo asikaze sifezwe.

Imenenja yohlelo lokwakhiwa kwezindlu kulendawo, uMnu. Bhoyo Kunene utshele leliphephandaba ukuthi loluhlelo lusaqhubeka kanti kulindeleke ukuthi ukwakhiwa kwezindlu kuzophethwa ngonyaka ka-2020.

Uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu alugcini kwaZayeka kuphela kodwa lufaka nendawo yaseVulindlela. “Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi asibekezelele, sizama ngokusemandleni ethu, kumanje sibheka izinto ezahlukahlukene ezindaweni zonke,” kusho yena.

Uqhube wathi umakukhona imibuzo amalungu omphakathi anawo mayelana naloluhlelo engaxhumana nalabo ababekwe njengabaxhumanisi, phecelezi ama-Community Liaison Officers (CLO). “Kuzo kwakhiwa izindlu ezingu-25 000 kanti sifisa ukuthembisa bonke abafaka izicelo ezamukelwa ukuthi bazokwakhelwa izindlu sicela besibekezelele.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.