Mhla wabhoboka umqeqeshi weBafana Bafana kuningi okuyovela

2018-03-21 06:00
Umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter. PHOTO: sourced

Umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter. PHOTO: sourced

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUNGENZEKA yini ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter kukhona akufihlela uMzansi mayelana nabaqhathi bathi iSafa?

Noma kungenzeka yini ukuthi le nhlangano isivukwe yisifo sayo esidala sokungabambisani kahle nabaqeqeshi bayo?

Noma ngabe okwamanje akekho ofuna ukuphumela obala ngalolu daba kodwa kuningi okuhlupha lomqeqeshi, futhi ubuso bakhe uma ekhuluma ngezinhlelo zakhe zeqembu nezintatheli kuchaza lukhulu.

Kulezinsuku nje ezimbalwa ezedlule uBaxter uzwakale ekhathazekile noma enganeme ngedlela okwenzeka ngayo eSafa House.

Nokho uyindoda ngoba ukwazile ukuzibamba noma angavele aphume esehlome eyizingovolo.

“Uma singase nje sizame ukuthi sisebenzisane kahle nangokushesha kuningi esingakwenza noma sikuzuze.

Futhi kuzofanele sifunde ukwenza izinto ngokushesha ngoba ziyenzeka izinto kwamanye amazwe”, kusho uBaxter.

Ubuye athi kulula nje ukukhuluma ngezinto kodwa akusizi uma singenziwa noma zingaqalwa.

“Singakhuluma kuze kuse ngezinhlelo ezintsha zokuthuthukisa ibhola esifuna ukuzenza eminyakeni ezayo kodwa uma singenzi noma singaqali lokho angeke kusisize ngalutho.

Angeke ngiphike futhi nasemoyeni angimnandi , kodwa-ke angifuni ukwenza i-Safa ihlaya”.

Okubukeka kucike uBaxter kakhulu ukukhanselwa ngemizuzu yokugcina kohambo lweBafana Bafana nalapho ebeyizodlala namazwe amane (Four Nations) eThailand nalapho ekade efuna ukusebenzisa abafana abancane asanda kubathola eqenjini loMzansi.

Okunye okumphethe kabi engathi akekho osakhumbula noma onakile ukuthi ukuhluleka koMzansi ukuthi uye kwi-World Cup eRussia kwashukumisa izwe lonke, noma sekuthule nje kodwa

Njengomqeqeshi kuzofanele aqiniseke ukuthi iqembu liyaya kwi-2019 Africa Cup of Nations.

“Uma ngehlulekile ukuyisa uMzansi kwi-Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo, i-Safa kuyofanele ungangixoshi, mina ngoyozithathela amasakana ami ngiphonse nethawula,” kusho uBaxter.

Lo mqeqeshi uthi uMzansi yizwe elikhulu neliziqhenyayo ngakho konke elinakho futhi yingakho-ke kufanele liwine imiqhudelwano emikhulu.

“Akekho ongabonanga ukuthi uMzansi wonke wayijabulela kanjani imidlalo yomhlaba ka-2010 [World Cup], nokuthi kwakuchazani ukuyisingatha nje”.

UBaxter uthi yena njengomqeqeshi akekho umdlali ayomvalela ukuthi adlalele izwe lakhe futhi iminyango yakhe isavulekile.

Lomqeqeshi ukuvezile futhi ukuthi usanda kunxenxa abadlali abambalwa abangaziwa abadlala phesheya kodwa abazalelwa khona la eMzansi njengo Joel Untersee nabanye.

Lomdlali u- Untersee udlala e Italy. Ezimnandi ezithi lomqeqeshi uzokwazi ukuthi azizwe amandla namanye amazwe akhona la eAfrica nangomakhelwane nje ngeZambia, Zimbabwe neAngola emidlalweni ehlelelwe ukuthi ibe ngomhlaka 19 kuya ku27 kuyo lenyanga ephezulu le ekuhambeni eNdola.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.