Mhleli

2017-10-04 06:02

SICELA ukubuza kumkhandlu waseMsunduzi ukuthi kanti thina bakhokhi bentela kumele sizuze noma akumele sizuze kwimisebenzi yomkhandlu? Ngisho ngoba kwimisebenzi yomphakathi abaholi abanamandla inqubo yabo abaqasha ngayo siwumphakathi asaziswa lokhu kwenzeka kuma ward amaningi kanti thina asivoti na noma bafuna ukuthi siphathwe abacindezeli na kanti ithini inqubo na akubizwa mphakathi uzotshelwa ngezinhlelo zentuthuko? Kuse njalo kumele sikhokhele amanzi. Nogesi sizowukhokhela kanjani uma bona masipala benga xolisi ngokuthi kube nesiteleka amasonto sahlala singe nagesi? Ake basho lokudla okungaka okwamoshakala kuma firiji iyiphi indlela yokusibuyisela ilahleko yokudla? Futhi uzothi uno R40 udinga ugesi kumele ugibele uye ethawini kulo R40 kushukuthi uzothenga ugesi ka R16 u-R24 owe takisi. Kanti sisavotelani futhi no-IEC akanalo iqiniso wonke lama ward komidi awakhethwanga ngendlela ngisho mina ngoba asikwazanga thina siwumphakathi sikhethe abantu esibadingayo siyafunzwa ngenkani. Kwaku kuhle kwahulumeni owawuphethwe uhulumeni wobandlululo omuhlophe manje omunyama wobandlululo ake basitshele kanti sazabalezani thina bantu abamnyama na? Ngisho ne-clinic laka Mpumuza ave lingasebenzi ngendlela kanti umasipala lamakhansela akhe hayi omphakathi ariphothani futhi aqasha amalungu ka ANC ngobani.

Obhalile:

uNtokozo Mtsikithi wase Sweetwaters.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.