Mhleli: Umcimbi womculo wesintu

2017-10-18 06:00

NGICELA ungiphe isikhala okokuqala ngqa ngike ngizwakalise uvo lwami ngomcimbi wochungechunge womculo wesicathamiya engike ngawuhambela lapha eMgungundlovu ngempelasonto esanda kudlula.

Ngiyilenhlobo eziqhenyayo ngomculo wesintu futhi ngikhule ngiwumlandeli omkhulu wawo ngisho nomama wami uSizakele uyazi nalapho elele khona. Kodwa ke bengingakaze ngizithole ngisemcimbini lapho amaqembu kacothoza eshiyelana khona inkundla kudele umakhasana.

Nokuthi ngize ngiye kulomcimbi ingoba bengizilandelela iqembu lami i-Soul Brothers kanti ngizozizuzela okungaphezulu kwalokho. Angifuni ukuqamba amanga ngifike ngahlabeka umxhwele indlela abaculi besicathamiya abayenza ngayo into yabo yacaca bha.

Engakuqaphela ukuthi lomculo usugcwele abantu abasha, bayaswenka labantu, amagagu benjalo futhi umculo wabo unomyalezo ongadingwe kutolikwa.

Bebekhuza kakhulu imigilingwane esiyande kakhulu ezweni yokubulawa kwezingane, abantu besifazane, amakhansela, abebala elimhlophe kanye nabobhejane. Uma kungathiwa angibale iqembu elilodwa eladlala kangcono ukudlula amanye ngabe ngiyaphosisa uma ngingathi ngingakwazi ukulitomula.

Ngokuhlukana kwawo ayephuma sisadinga aqhubeke bese kusho khona ukuthi isikhathi sidliwa yinja. Uma ungaphinda lomcimbi futhi nesimo singivumela ngisengaphinde ngiwuhambele.

Yinto enhle lena eyenziwe abahleli ngokuthi bake basiqhamukele nokuhlukile kwethu kwakudala nesesicabanga ukuthi sekuyashabalala. Ngalomculo sibonga asiphezi kwiqhawe alawuphakamisa uBhodloza Nzimande owayesoKhozini fm.

Nabo futhi abaculi ababeshiyelana inkundla babonga bangaqeda ngokuhlanganiswa kukuhle nje kungaziwe ngokuqhudelana. Sahlala kwasa emnyango kungavumi ngisho usukume uyochitha amanzi ngoba uzophuthelwa.

Kwangijabulisa kakhulu nokubona iqembu lamantombazane amancane evula inkundla eshaya wona umculo kacothoza.

MFANAFUTHI ‘JIKA PANTSULA’ NZUZA

eSigingqini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.