Mkhulu umsebenzi osahlalele i-Black Leopards

2018-06-13 06:00
Iqembu le-Black Leopards.PHOTO: sourced

Iqembu le-Black Leopards.PHOTO: sourced

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SIQINISILE isikhulu kanye nobasi weBlack Leopards uma ethi iqembu lakhe selibuyele ezweni lesethembiso, nalapho kudliwa khona uju nobisi.

Lomsunguli weLeopards nokade kwasa ewa evuka nayo enethwa nayizimvula naleliqembu, uDavid Thidiela ukusho lukhu emva kowina imidlalo yokuhlungela abazongena kwiPSL ngesizini ezayo.

Angekeke asolwa uThidiela ukukhuluma kanje ngoba phela leliqembu lakhe laseThohoyandou esifundazweni saseLimpopo ligcine liwudlile umhlanganiso emidlalweni ebiwuchungechunge futhi inzima.

UThidiela uthi ukubuyela ezweni lesethembiso yiphupho lakhe ekade elokhu eliphupha iminyaka embalwa.

“Sesichithe iminyaka embalwa sitabalasa kwiNFD.

“Akumnandi ukuba lapha futhi kubhoboza iphakathe lendoda ngoba uxhaso aluluhle kahle-hle.

“Ukubuya kwiPSL kuyasithokozisa futhi-ke kade safisa ukubuya lapha.

“Ukubuya futhi kuchaza okuningi ngoba uxhaso luzoba ncono kanti nabadlali bazohlafuna kancono,”kusho uThidiela.

Lesikhulu siyavuma futhi ukuthi kuningi okufanele kuthi ukuqiniswa eqenjini kanye nasenkundleni abazoyisebenzisa njengekhaya labo, iThohoyandou Stadium.

Ngokusho kuka Thidiela uthi isikhulu sePSL esibhekene nokuhlelwa kwezinto kanye nokuhlowa kwezinkundla Professor Ronnie Schloss useyihlolile lenkundla futhi wabachazela ngokudingekayo.

“Leliqembu elaseThohoyandou futhi sifuna ukudlala imidlalo yethu yasekhaya khona.

Izwe lonke libonile ukuthi abantu bala bayithanda kanjani iBlack Leopards. Awukho umdlalo esiwudlalele lapha ongayigcwalisanga inkundla”.

Lesikhulu sithi umsebenzi okufanele wenziwe enkundleni awumkhulu kakhulu futhi okuthokozisayo ukuthi nomasipala wendawo uzongenelela asebenzisane nabo.

Okunye athi kufanelwe kwenziwe iqembu lakhe ngokukhulu ukucophelela udaba lwabadlali. “Akekho umdlali ozochithwa kodwa sizothola abambalwa abazoqinisa lapha nalapha. Kanti nebhentshi lethu labaqeqeshi

neliholwa umqeqeshi uJoel Masutha lizohlala linje, akekho ozophelelwa wumsebenzi,”kusho uThidiela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.