Ngenela imidlalo ka-Ward 34

2018-03-14 06:02

ABAQGUQGUZELI bemidlalo yomphakathi yaminyaka yonke ku-Ward 34, baxwayisa amaqembu avela ngaphandle ukuba eqaphele engashiywa isikhathi sokungenela imidlalo ezoba ngo mhla ka-17 no mhla ka-18 kuNdasa (March), esikoleni i-Panorama.

Umsunguli walemidlalo noyintatheli eyaziwayo nesimnkatsha uMnuz Jerry Barnes uthi yize lemidlalo yaqalwa njengemidlalo ka-Ward 34 eminyakeni eminingi edlule, amanye amaqembu avela ngaphandle amukelekile.

“Akukholakali ukuthi lemidlalo ngayiqala ngamaqembu amabili nenkomishi eyodwa eminyakeni engaphezulu kweyi-15 edlule endaweni yase-Panorama nase-Eastwood. Into eyangenza ukuthi ngifune ukuqala lemidlalo ingoba ngangihlushwa ukubona intsha iwuvanzi ngamaholide ingenayo into eyenzayo. Lemidlalo isikhulile manje.

“Engikulwelayo wukuthi ngifuna ukubona umphakathi , ikakhulukazi intsha idlala ngokukhululeka,”kusho uBarnes.

Lemidlalo izoqala nge-Community Fun Run/Walk Mile nalapho wonke amalungu omphakathi, eqguqguzelwa khona ukuba bebambe iqhaza.

“Sithi kuwonkewonke, woza uzogijima noma uzihambele nje bese uthola imedali (medal).”

Yize kule midlalo kuvamise ukudlwa ibhola lezinyawo, kulo nyaka kuzoba kudlalwa nebhola lomnqakiswano (netball).

Abafana abadlalela u-U15 nama siniya (open team) bazobe bedelisana enkundleni , kanti nobaba bendawo (over 35) bayothola ithuba lokunandisa ngalolusuku.

uBarnes uthe: “Ngiyanxusa ukuthi amaqembu axhumane nami ukuze ethole imininingwane ebalulekile .”

Abafisa ukuba yingxenye yale midlalo bengaxhumana noJerry Barnes enombolweni ethi: 083 521 9553.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.