‘Nithi angiyephi?’ - Stuart Baxter

2017-11-22 06:01

MHLAWUMBE iningi labalandeli bebhola laseMzansi besebecabanga ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter uzophonsa ithawula noma ahlanze ngedela emva kokuhluleka ukuya kwi-World Cup eRussia ngonyaka ozayo, kodwa yena uthi uyindoda futhi akayi ndawo.

UBaxter uthi yena ngokudalwa akalona ivaka noma isahluleki futhi usazoqhubeka nje nomsebenzi wakhe.

Lomqeqeshi uthi yena uyavuma ukuthi iqembu lesizwe iBafana Bafana phela yehlulekile yancama ukuya kwimidlalo yoMhlaba eRussia ngo 2018 ngaphansi kwakhe kodwa ziningi izinto ekuzofanele zibhekwe noma zicutshungulwe ngaphambi kokuthi kusolwe yena.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi uBaxter uwine umdlalo owodwa kuphela kwemine kweyokuhlungela abazoya eRussia. Iningi labantu ikakhulukazi kwabazifelayo ngebhola laseMzansi besebecanga ukuthi uBaxter uzodedela abanye njengesehluleki. Ngokomlando lomqeqeshi akaqali ukuhluleka ukusa uMzansi kwiWorld Cup .

Ngaphandle kokudliwa ngoLwesihlanu oludlule ngo 2-0 yiSenegal nokuchaza ukuthi asiyindawo besekuwuhlulwa kweBafana Bafana okwesithathu emva kokudliwa kabili yiCape Verde. Kuzokhumbuleka futhi ukuthi uBaxter wake wahluleka wancama ngo2006 nalapho kwakuzoyiwa kwiWorld Cup eGermany.

“Ngiyazi noma sengiqalile ukuzwa abantu bengibuza ukuthi kaze sengizokwenzenjani-ke manje emva kokuphela kwamathemba ethu okuya kwiWorld Cup eRussia.

Ngitshele ukuthi kuyiqiniso yini ukucabanga kanjalo noma kuwubudoda yini.

Kahle kahle ake ubale izinsuku noma izinyanga ukuthi zobe ngaki ngithathe noma nginikwe lomsebenzi ?

Uma ngingaphozisi noma uma uzibalela wena ngeqiniso uzobona ukuthi ngiphathe lesikhundla izinsuku eziwu 220 ngase ngiba sekhempini nabadlali izinsuku eziwu 40 kuphela.

Ngempela ngempela uma uMzansi uneqiniso futhi uzibona izinto, mina sengingalindelwa ukuthi ngisule kulesikhundla noma ngiphonse ithawula njengesahluleki ?,” kusho uBaxter.

UBaxter usaveva namanje ukudinwa uthi futhi abantu baseMzansi kufanele bakhumbule kwakungeko mibandela kwinkontileka yakhe noma ekusebenzeni kwakhe.

Uthi akukho lapho kusho khona ukuthi ukuya kwiWorld Cup ngo 2018 eminye yemibandela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.