Obehlala emgwaqeni usependa izithombe

2019-11-13 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUSakhile Hlongwane neminye imisebenzi yakhe aseyenzile.

ISITHOMBE: sithunyelweUSakhile Hlongwane neminye imisebenzi yakhe aseyenzile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA osemncane wasendaweni yaseMpophomeni uthi kubalulekile ukuzikhumbula ukuthi uwubani nanokuthi ufunani empilweni.

USakhile Hlongwane (24) ungomunye wabekade behlala emgwaqeni besebenzisa izidakamizwa kodwa manje useyishintshile impilo yakhe njengoba esenomsebenzi wokupenda izithombe.

Ekhuluma ne-Echo uHlongwane uthe izinkinga zakhe zokuthi agcine esehlala emgwaqeni zaqala ngonyaka wezi-2016 ngesikhathi engatholi imali eyanele yokuthi afunde kahle enyuvesi.

Uthe waseyefunda e-University of KwaZulu-Natal esigcemeni i-Edgewood nalapho ayenza khona izifundo kodwa ngenxa yokungatholi imali yoxhaso olwanele esikhwameni esikhokhela abafundi i-National Student Financial Aid Scheme wagcina eseshiye phansi esikoleni.

“Ngabuya ngahlala ekhaya ngahlangana nabantu abangalungile ngagcina sengidla izidakamizwa sesenza nezinto ezingalungile ngasemakhaya kwaze kwangiphoqa ukuba ngibaleke ngiyohlala emgwaqeni ngoba ngibalekela amacala.

“Ngihlale emgwaqeni izinyanga ezimbili kwaze kwathi ngelinye ilanga omunye umngani wami ekade ngihlala naye wangitshela ukuthi angipende isithombe sika baba uThemba Njilo bese ngiyasihambisa kuyena,” kuchaza yena.

Uthe ngesikhathi ehlala emgwaqeni ubeqhubeka ependa edayisa izithombe zakhe kodwa yonke imali abeyithola beyiphelela ezidakamizweni.

Ngemuva kokuhamba kwesikhathi ubengasabatholi abantu abafuna ukuthenga.

“Ngemuva kokuba ngihlangane nobaba uNjilo wabona ithalente kumina wabe esethi ufuna ukungisiza ngisuke emgwaqweni ngiqhubeke ngisebenze ngiveze ithalente lami.

“Kumanje sengiphumile ezidakamizweni sengihlala ekhaya sengizenzela umsebenzi wami wokupenda ngisebenzela khona emahhovisini eThemba Njilo Foundation.”

UHlongwane ube esekhipha iseluleko kubona bonke abantu abazibandakanye nezidakamizwa ukuba bahlale bazikhumbuze ukuthi bangobani nanokuthi bafunani ngezimpilo zabo. “Uma ngabe usuzinikele ezidakamizweni uyashintsha ube ngomunye umuntu kodwa ukuzikhumbuza njalo ukuthi uwubani kanye namaphupho akho kuyasiza ngoba uyakwazi ukusukuma uzithathe ulandele amaphupho akho. Mina ngangihlezi nginamaphupho ngempilo yami kanti ngisazimisele ukuwafezekisa, ngibona usizo engaluthola ukuthi ngikwazi ukuyeka izidakamizwa ngiphume emgwaqeni ngenze into engiyithandayo ukupenda.”

UHlongwane waqala ukupenda izithombe eneminyaka eyisikhombisa kanti uthe isifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga ayokwenza izifundo ze-Bachelor of Arts.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.