Okwani ukujikelana sisodwa siyindlu emnyama?

2016-08-03 06:00

Mhleli

Kwelomphakathi ngicela ungiphe isikhala ngisike kwelijikayo, nakhu izwe lonakala. Uzovumelani nami uma ngithi abantu ababengabangani baphenduka izitha ngenxa yamandla okuphatha. Siyindlu emnyama siyajikelana ngenxa nje yokungafuni ukuholwa, sonke sifune ukuhola. Izwe lonakele nje kungenxa yamandla.

Izinhlangano ziningi kanjena nje ingoba abantu belubalubela amandla okuhola. Kanjalo namasonto asagcwala izwe lonke ngenxa yakho njalo ukufuna ukuhola.

Izinhlangano zabamhlophe ziyidlanzana namasonto abo ayidlanzana, ngenxa yokuthi bona bayakwazi ukubekezelelana. Futhi bona bayakwazi ukufukulana,thina ndlu emnyama simandla ekudonselaneni phansi.

Simandla kakhulu ekujikelaneni sodwa,kangangoba kunabantu abathi uma benyathelwe olunye uhlanga lwaxolisa, baxole,kodwa uma kuwumuntu omnyama uthi exolisa onyatheliwe abe ethi, ‘umuntu akabojwayela ukubheka la ehamba khona’.

Nasemisebenzini kunjalo ke, kunabantu abathi uma besezikhundleni bafune ukufaka abantu babo abangasebenzi kwakusebenza,kodwa ngoba basondelene nabaphathi uzobabona ngokuba baphathiswe kwamaqanda.Umuntu ahambele phezulu ngoba azi ukuthi angeke athintwe muntu, wathinta yena uthinte umphathi.Uma kuqhamuka umuntu ezoqwashisa umphathi ngokuthile angalalelwa ngoba phela elempofana kalilalelwa. Kuyothi sekonakele izinto, kubekhona okhumbulayo ukuthi yake yaluthinta loludaba impofana (ngingasasho abalandeli be Chiefs).

Bese kubakhona abantu abancamela ukulalela olunye uhlanga emsebenzini kunokulalela umuntu omnyama.Uma ubasizile, emva kokuthola usizo, bakukhohlwe kube sengathi wawenza umsebenzi wakho.Umuntu umbone esehambela phezulu esekhohliwe ukuthi into kayenzi kanye.Nabadala bathi ungasingcolisi isihlahla ngoba ngelinye ilanga uzowudinga umthunzi waso.Indlu emnyama ibulalana yodwa kungenxa yamandla nokungakuthandi ukuholwa omunye omnyama. Kunabantu abalungisela abanye izinto eziningi kodwa aphenduke itswayi etiyeni kubantu abasiza. Bese sithi impela umlungisi uzithela isisila. Hlampe bekuyokusiza ukuthi uma ungumuntu uke ubheke emuva la uphuma khona ukuthi bangaki osewubephule imimoya bengena nxa nawe. Zibuze ukuthi bangaki abantu othe sewuwedwa wazibona ukuthi wenze iphutha wabuyela kubo wayoxolisa.

Ndlu ensundu kungani singafukulani, kungani uma ungene ngetiye bese uthi ngizosebenzela ephuzwini lokuthi ngingamphoxi owangisiza.Nabalibona itiye bangayitholi into abazobambelela ngayo.

Ake sizifundise nokuhloniphana umuntu akhulume angadiliki ngoba mhla wadilikwa nawe kuyoba buhlungu.Ungajahi ukuhola ngoba izitifiketi zisiza ukulungisa kowazalwa nakho abaholi bayazalwa.

Lomuntu ombulalela umsebenzi nenhlangano kusasa uzomdinga.

BonganiMzo Ngubane

Ashdown

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.